UKUQALA kahle isizini nokungawalahli amaphuzu uma bebhekene namaqembu athathwa njengamancane yikhona okungawakhuphula amathuba e-Orlando Pirates okuqeda isomiso sesicoco seligi.
Lokhu kushiwo ngumdlali wasesiswini waleli qembu, uMakhehleni Makhaula, ngesikhathi ehambele umcimbi wokuthulwa kwejezi elisha lezikaMagebhula eGoli ngoMsombuluko.
Ezimnyama selokhu zagcina ukuphakamisa indebe yeligi ngesikhathi ziyinqoba kabili kulandelana, ngesizini ka-2010/11, neka-2011/12.
Kusukela lapho seziqede endaweni yesibili amahlandla amane, ngo-2017/18, 2018/19, 2022/23 nango-2023/24.
Yize leli qembu lase-Orlando belihluleka ukudla isicoco seligi eminyakeni yakamuva kodwa lizithobile izinhliziyo zabalandeli ngokunqoba imiqhudelwano yomkhumulajezi.
Liyithathe kathathu i-MTN 8 , ngo-2020, 2022 nango-2023, laphinde layinqoba kathathu neNedbank Cup, ngo-2013/14, 2022/23 nango 2023/24.
UMakhaula uthe bengabadlali bayaqonda ukuthi kumqoka kangakanani ukuthi baqede ukukhonya kweMamelodi Sundowns kwiligi.
“Sizinqobile izicoco zomkhumulajezi, kulungile, saphinde sazivikela, kodwa iningi lethu alibazi ubumnandi bokuwina iligi. Yinto esiyifisa kakhulu leyo. Uma sikhuluma sodwa siyavumelana ngokuthi kufanele siyiqale kahle isizini,” usho kanje uMakhaula.
“Ngemuva kwemidlalo eyishumi yilapho obona khona ukuthi usasendleleni efanele yini noma usele kangakanani eqenjini elisuke lihamba phambili. Ukungayiqali kahle isizini kudala izinkinga.”
UMakhaula uphinde waxwayisa ozakwabo ngokuzimisela uma bebhekene nezimbangi zabo ezinkulu bese beyalehlisa izinga kweminye imidlalo.
“Sinabadlali abasezingeni eliphezulu esikwatini sethu futhi ngikholwa wukuthi singayiwina iligi. Iligi ayinqotshwa ngokushaya iMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs noma iSuperSport United, inqotshwa ngokushaya nalawa amanye amaqembu,” kusho uMakhaula.
“Uma unqoba iSundowns noma iChiefs kabili uthola amaphuzu ayisithupha eqenjini ngalinye? Mangaki amaphuzu owathola kulawa amanye amaqembu? Kunzima kakhulu uma sidlala nawo ngoba siyazi ukuthi asuke ezimisele kangakanani.”
Ngesizini edlule amaBhakabhaka anqoba imidlalo engu-14, adlala ngokulingana kweyisishiyagalombili, ahlulwa kweyisishiyagalombili.
Athola iphuzu elilodwa emidlalweni emibili nompetha iSundowns, acosha amaphuzu ayisithupha ebhekene neChiefs.