UQHAKAMBISA izimfundiso nenkululeko okufike nomqeqeshi umdlali we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela.
UMaela ekuqaleni kwesizini onyuselwe izimendlela waba umholi weZimnyama, uthe kuningi osekushintshile kusukela kufike umqeqeshi wabo omusha, uJose Riveiro ekuqaleni kwesizini.
UReviero waseSpain, ujoyine iPirates engena endaweni kaMandla Ncikazi owehliselwe esikhundleni sokuba yiphini lakhe. Unengcindezi yokuwina izindebe nePirates egcine ukubhiyoza ngo-2020 ngesikhathi iphakamisa eyeMTN8 ngaphansi komqeqeshi uJosef Zinnbauer waseGermany.
Nakuba uReviero engakayiwini indebe kodwa uMaela uveze ukuthi kuningi asekushintshile kuleli qembu okwenza kusebenzeke kalula kubona bengabadlali.
"Enye yezinto ezibaluleke kakhulu asifundise yona wukungagxili emphumeleni kodwa sigxile endleleni esiyihambayo. Ngakho siyazi singabadlali ukuthi sinephupho lesikhathi eside futhi siyakwazi okufanele sikwenze kancane, kancane ukuze sifinyelele kulelo zinga,“ kusho uMaela.
“Kusukela efikile siyazi ukuthi uma sidlala kufanele sigxile kulawo magxathu. Kwesinye isikhathi asikwazi ukulawula umphumela nokuthi umdlalo uzohamba kanjani kodwa siyazi ukuthi okufanele sigxile kukhona yindlela okufanele syilandele ukuze sifinyelele ebuhleni," kusho uMaela.
"Lokhu sekusizile ukuze sithokozele ukuziqeqesha nempilo eqenjini. Inkululeko esinayo, izinsiza esilungiselwa zona ukuze sikwazi ukudlala kahle (kuyasisiza). Siyakwazi okufanele sikwenze ejimini futhi kucacile. Siyakwazi ukuhlelela imidlalo ngokucacile. Siyakwazi okufanele sikwenze enkundleni ukuze siwine. Ngakho siya enkundleni, hhayi kuphela ngamathalente ethu kodwa sinohlelo olucacile lokudlala esilulandelayo. Lokhu sekusisize kakhulu. Kuningi asekutshale kithina. Hhayi ebholeni kuphela kodwa nasempilweni. Sizithokozela zonke izinsuku nokuziqeqesha."
Emidlalweni yeDStv Premiership engu-13 ngaphansi kukaReviero, iPirates isawine eyisihlanu kuphela, yadlala ngokulingana kwemine, yahlulwa kwemine.
URiviero uzothola ithuba lokujabulisa abalandeli bePirates ngendebe uma ezakhe sezigadulisana naMaZulu FC kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama.
"Kusukela emdlalweni esiwudlale nabo, sikuqaphelile ukuthi bahlasela ngejubane. Bashiya abadlali abaningi phambili ukuze bezoba baningi uma sebehlasela. Sizogxila kahle ekubacubunguleni. Kodwa siyakwazi okufanele sikwenze ukuze sibavimbe lapho bemandla khona," kusho uMaela.
AmaZulu selokhu agcina ukuwina indebe ngo-1992 ephakamisa iCoca-Cola Cup. Uma ehlula iPirates kuzosho ukuphela kweshobolo leminyaka. Ngaphezu kwalokho, kuzoba yindebe yokuqala yomqeqeshi uRomain Folz waseFrance osanda kuqala ukuqeqesha eMzansi.