UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, uthe kusmqoka ukuthi bawunqobe umdlalo wabo wokuvula kwiKZN Premier’s Cup ukuze bakwazi ukwedlulela emzuliswaneni olandelayo.
I-AM esemaqenjini ayisithupha aKwaZulu-Natal adlala kwiPremier Soccer League (PSL) azodlana imilala kwiPremier’s Cup, izotholana phezulu neMilford FC emdlalweni wesibili ngoMgqibelo ngo-2 ntambama, ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi.
Lo mdlalo we-AM neMilford uzobe wandulelwa ngowaMaZulu FC neLamontville Golden Arrows, ozobhula amazolo ngo-11 ekuseni.
NgeSonto kuzovula iRichards Bay neMaritzburg United, ngo-9 ekuseni.
“Simagange ukubamba iqhaza kulo mdlalo, kuhlale kuyinjabulo ukubamba iqhaza kulo mqhudelwano. Ngumqhudelwano obalulekile, nongelula.
Nokho kubalulekile ukunqoba umdlalo wokuqala kulo mqhudelwano ukuze ukwazi ukudlulela emzuliswaneni olandelayo, ngoba lokho kunika abadlali elinye ithuba elithe xaxa lokudlala okuyinto edingekayo njengoba silungiselela ukuqala kwesizini,” kusho uMaduka.
Uqhube wathi bazimisele ngokuyithela isibhaxu iMilford, ukugwema okwabehlela ngesizini edlule beshaywa ngaMaZulu kowokuvula.
“IMilford iyiqembu elihle, ilungiselela ukuqala kwesizini nokusho ukuthi ingase yethule abanye abadlali abasha.
Ingcindezi ikuthina, ayikho kubona, kodwa kubalulekile kithina ukuthi siwunqobe lo mdlalo wethu wokuqala ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo, njengoba ngonyaka odlule sahlulwa emdlalweni wokuvula.”
IMilford isanda kuthola umqeqeshi omusha, uMandla Qhogi, obhekene nomsebenzi wokuguqula izinto kuleli qembu eliqede isizini edlule lidonsa kanzima kwiMotsepe Foundation Championship.
Nyakenye AmaZulu yadla umhlanganiso ngokuguqisa iRichards Bay FC kowamanqamu ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngakho umdlalo woSuthu naBafana Bes’thende yiwona obukeka uzothatha amehlo abathandi bebhola abaningi abazobe behambele le midlalo ezobe idlalelwa okokuqala ngaphandle kweTheku noMgungundlovu kusukela umqhudelwawasungulwa eminyakeni eyisishiyagalolunye eyedlule.
Kulindeleke ukuthi kubonakale nabadlali abasha abasayiniswe yila maqembu njengoba elungiselela ukuqala kwesizini ka-2024/25 ezoqala maduze ngo-Agasti.