UMQEQESHI osabambile eqenjini lesizwe likanobhutshuzwayo eMalawi, uPatrick Mabedi, uthi kuzomele aziqoqe umgadli weqembu lesizwe uGabadinho Mhango. Umeluleke ngokuthi ahlukane nezindlela ezigwegile ngoba ungumdlali oseqophelweni eliphezulu kanti izwe lakhe liyamdinga.
UMabedi ukusho ngesikhathi ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto emuva komdlalo abebewudlala neBafana Bafana ngesonto ntambama kwiCosafa, eKing Zwelithini, eMlaza.
UMhango (30), ozakhele igama emaqenjini ehlukene aseMzansi okubalwa iBloemfontein Celtic, Bidvest Wits ne-Orlando Pirates, njengamanje usemabhukwini AmaZulu FC, nalapho okungacaci khona ngekusasa lakhe ngoba kuvela ukuthi angase akhonjwe indlela.
Kuthiwa uMhango umisiwe ekutheni aziqeqeshe neqembu elisanda kuqasha umqeqeshi omusha uPablo Franco Martin waseSpain, oteketiswa ngelikaCijimpi.
Nakuba kuthiwa ukumiswa kwakhe ekutheni aziqeqeshe neqembu kumayelana nokuthi uzanyelwa elinye iqembu yimenenja yakhe kodwa kuvela ukuthi isizathu ukungaziphathi kahle. Kuthiwa umgadli akafikanga ngesikhathi ekhempini yokuziqeqesha kweqembu lapho belilungiselela izinhlelo zalo zesizini ezoqala ka-2023/24.
Kubukeka sengathi yilesi senzo esimdalele amazinyo abushelelezi ethimbeni labaqeqeshi eliholwa nguFranco Martin.
Empeleni lo mgadli osigqigqi, onamandla okulibhakuzisa inethi ma esefomini, ungomunye wabadlali asebezakhele igama elibi ngokuthanda ubumnandi kuze kweqe. Lokhu kungesinye sezizathu ezaholela ekutheni abe nyamanambana ethimbeni labaqeqeshi kwiPirates, ashiye kuyo ngaphambi kokuqala kwesizini edlule.
"UGabadinho ungumdlali onekhono, osebenza ngokukhulu ukuzimisela nokuzinikela ngaso sonke isikhathi uma enikwe ithuba eqenjini lesizwe (iMalawi), amagalelo akhe ayaziwa.
“Ngakho-ke uma kuwukuthi lokhu okubikwayo kwabezindaba ngokuziphatha kwakhe, kuyiqiniso, ngingasho ngokungananazi ukuthi kuzofanele aziqoqe ahlukane nezindlela ezigwegwile ngoba iqembu lesizwe liyamdinga.
Sisazoba nemidlalo emqoka okubalwa kuyo eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations, neyeNdebe yoMhlaba ezoqala ngoNovemba, ngakho siyabadinga abadlali bethu abamqoka emidlalweni yalolu hlobo," kweluleka uMabedi.
Washaya into ecokeme lo mdlali kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eyayiseCameroon nyakenye, wabasela amagoli amathathu. Kepha ezakhe i-The Flames, zaphuma emzuliswaneni weLast 16. Lokho akwehlanga kahle ebaqeqeshini beZimnyama, uMandla Ncikazi noFadlu Davids, ababehola iPirates ngaleyo sizini. Waqhubeka uMhango nokuba wukudla kwebhentshi ngisho nasekubuyeni kwakhe kwi-Afcon.