UKUYA ekhefini kweKaizer Chiefs ishaye izimbangi zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates nokuhloma ngamaqhinga ewathole ngokubuka imidlalo yeNdebe yoMhlaba, kwenza isitobha sayo uZitha Kwinika, sibone bezokwazi ukubuya namaphuzu amathathu kwiLamontville Golden Arrows.
Abafana Bes'thende nabaseNaturena bazobhekana kusasa koweDStv Premiership ozoqala ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Womabili amaqembu aye ekhefini ehambela phezulu ngenxa yokuthola amaphuzu aphelele komkhaya bawo.
I-Arrows idlule ngo-2-0 kwiMaritzburg United, iChiefs yanqoba ngo-1-0 kweZimnyama.
UKwinika oyibamba maphakathi odongeni lwasemuva lweChiefs, ukholwa wukuthi bawulungisele kahle umdlalo wakusasa.
"I-Arrows iyiqembu elihle kakhulu. Ezinsukwini ezidlule besimatasa siyihlaziya, idlala ngokuzethemba. Siyazi ukuthi wonke amaqembu uma edlala nathi ayabhukula. Siwulungisele kahle kakhulu lo mdlalo. Siyazi ukuthi okungayisiza i-Arrows kungaphinde kuyicekele phansi. Okwethu nje wukuhleleka ngosuku lomdlalo, bese silandela imiyalelo yabaqeqeshi," kubeka uKwinika ethimbeni labezindaba leChiefs.
Lo mdlali obegijima kwiStellenbosch ngesizini edlule, uqhube wathi: "Ukubuka imidlalo yeNdebe yoMhlaba sisemakhaya, bekungenye yezindlela yokuziqeqesha. Kusisize kakhulu ekufundeni izinto ezithile ezizosisiza njengoba sibuyela enkundleni. Asiphumulanga isikhathi eside, kuye kwamele sibuyele ejimini ukwenza isiqiniseko sokuthi imizimba yethu kayehli ekubeni qatha. Ngingathi nje, bekungelona ikhefu eligcwele. Nokubuyela enkundleni siphuma ekushayeni iqembu elinjengePirates kuzosisiza kakhulu.
"Ngesikhathi sekhefu sidlale eyobungani engicabanga ukuthi isisize kakhulu ekubambeni umgqigqo esivale ngawo sishaya iPirates. Sidlale neLesotho, iSwallows nezikwati zangaphakathi eqenjini. Ngicabanga ukuthi sikulungele ukubuyela enkundleni nakuba sazi ukuthi imidlalo yobungani neyokuncintisana okwangempela iyizinto ezingafani."
Njengoba kusele imidlalo embalwa kuqale umzuliswano wesibili weDStv Premieship, uKwinika ubona iChiefs ingekho kude kangako kwefisa ukukuzuza.
Amakhosi kuyiwe ekhefini ebambe indawo yesine ngamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-13.
Ingemuva ngamaphuzu ayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili.
"Wonke amaqembu uma kufikwa maphakathi neligi yilapho ezikala khona, ukubona ukuthi asayibambe ngakho yini. Sisalelwe yimidlalo emibili singene emzuliswanweni wesibili. Uma siqeda le midlalo sizophinda sihlale phansi, sibheke ukuthi sisele kangakanani kwesikufunayo, kumele senze njani ukuze sibalwe namaqembu amakhulu. Izinto zisasihambela kahle, silapho ebesifuna ukuba khona. Asikho kude emaqenjini angaphezu kwethu,“ kusho uKwinika.
Ngakolunye uhlangothi i-Arrows ilele endaweni yesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-16 emidlalweni ewu-13. UKwinika ubukeka engesinye sezithenjwa zomqeqeshi u-Arthur Zwane. Kwengu-13, udlale ewu-12 yeligi. Uphinde washaya negoli ezakhe zibambana ngo-1-1 neMarumo Gallants ezinyangeni ezedlule. Kulesi sibalo semidlalo ewu-12, kwewu-11 uyiqale waphinde wayiqeda. Uphinde wagijima emithathu yeMTN 8.
Imidlalo yeDStv Premieship:
Namuhla - Ngo-3.30pm: Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (Loftus Stadium).
Ngo-5.30pm: Stellenbosch v Chippa United (Danie Craven), Cape Town City v Royal AM (Cape Town Stadium).
Ngo-7.30pm: Maritzburg United v TS Galaxy (Harry Gwala); SuperSport United v Marumo Gallants (Lucas Masterpieces).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Richards Bay v Swallows (King Zwelithini Stadium).
Ngo-5.30pm: Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida); Sekhukhune United v AmaZulu (Peter Mokaba).