OMUNYE wabaqeqeshi owaba nempumelelo kwi-Orlando Pirates, uRuud Krol, uncoma leli qembu ngokusayinisa nokusebenzisa abadlali abasebancane.
Nakuba eZimnyama zingasinqobanga isicoco seligi iDStv Premiership kodwa kukhona okuhle ezijabulise ngako abalandeli bazo ngesizini edlule. Zikwaze ukuvikela isicoco seMTN8 neseNedbank Cup.
Indlela ezinqobe ngawo umdlalo wamanqamu, uRelebohile Mofokeng (19) eshaya igoli lokunqoba ezakhe zibhekene neMamelodi Sundowns koweNedband Cup, kusakhulinywa ngakho namanje.
Leli qembu eliqeqeshwa uJose Riveiro waseSpain, liqede kahle nakwi-log lazifaka kwiCaf Champions League.
Njengoba kuvalwe isizini kuningi ukukhuluma ngebhola elihle elidlalwa ngabafana abancane bePirates okubalwa uRelebohile Mofokeng, Thalente Mbatha, Thabiso Sesane nabanye.
Kuningi ukukhuluma ngokuthi kazi iliphi iqembu elizoqeda ukukhonya kwamaBrazillians kanobhutshuzwayo wakuleli. Leli qembu elaliphethwe uPatrice Motsepe (osengumengameli eConfederation of African Football) selikhonye isikhathi eside ebholeni lakuleli. Selinqobe isicoco seligi amasizini ayisikhombisa kulandelana.
Uma uKrol waseNetherlands, ekhuluma neSolezwe uhlale ekucacisa ukuthi uyalilandela ibhola lakuleli.
Uncome iPirates ngokusayinisa abafana abancane. Uchaza laba bafana njengekusasa leqembu.
Njengoba kuvalwe isizini, Ezimnyama sezihlukane noFortune Makaringe, Souaibou Marou, Thabang Monare, Kermit Erasmus nonozinti, uSiyabonga Mpontshane noRichard Ofori.
"Laba bafana bafike nomlilo kwi-Orlando Pirates. Kuyabonakala ukuthi uma bengayibamba ngale ndlela iqembu lazobanjwa kude. Kungijabulisile ukubona uMofokeng ebizelwa naseqenjini lesizwe. Ngethemba ukuthi lokhu kuzomgqugquzela. Asethembe ukuthi ngeke udumo lumngene ekhanda. Lesi sinyathelo (sokusebenzisa abadlali abasebancane) sePirates sihle kakhulu. Ikusasa leqembu leli,“ kubeka uKrol.
Uqhube wathi: "Abanye abangichazayo ngabafana noMbatha (Thalente). Muhle kakhulu uma kushoshelwa phambili".
UKrol ujobelele ngokuthi uma eZimnyama zingaqhubeka naleli bhola zingakwazi ukuqeda ukukhonya kweSundowns.
"Into engiyiqaphelayo ukuthi iPirates ishaywa ukungawubambi umgqigqo edlala ngawo. Izinga layo liyehla liphinde lenyuke. Ngichazekile ngendlela edlala ngayo. Ayizame okungenani ukuyibamba indlela edlala ngayo kuze kuphele isizini,“ kusho uKrol owanqoba izicoco ezintathu nePirates, iMTN8, Nedbank Cup neligi ngesizini ka-2010/11.