Iphini lomqeqeshi weSuperSport United, u-Andre Arendse, liveze ukuthi ukuncishwa kwabo iphenathi kubakhiphe kwabaqeda emdlalweni, beshaywa i-Orlando Pirates kowe-quarterfinal, eMTN8, e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Kulo mdlalo obekugcwele phama kuwo, Amatsatsantsa a Pitori abhaxatshulwe ngo-3-1. Kuyiwe ekhefini eZimnyama zihamba phambili ngo-1-0.
Kungakapheli sikhathi kubuyiwe, uVincent Pule obedlala kuzo, washaya elokulinganisa.
Sekwengezwe isikhathi sikanompempe, uMonnapule Saleng ushayele iPirates elesibili. Kuso lesi sikhathi inhloko yabaqeqeshi kwi-United, uGavin Hunt nethimba lakhe bakhale ngonompempe ngokungabaniki iphenathi. Bebekhala ngokuthi ibhola lishaye esandleni somdlalo wezitha zabo obesebhokisini.
Nokho unompempe obekungu-Abongile Tom akazange ayibeke emlotheni lephenathi.
Nakuba kungacaci ngamagama awaphimisile uHunt kodwa ugcine ekhishwe ngekhadi elibomvu.
U-Arendse ukuvumile ukuthi imimoya beyiphezulu kulo mdlalo.
"Imimoya ibiphezulu kulo mdlalo, lokhu kuyenzeka uma udlala neqembu elifana nePirates. Noma sidliwe kodwa bekuwumdlalo omnandi kubalandeli bakanobhutshuzwayo," kubeka u-Arendse kwabezindaba.
Mayelana nebhola elibonakale lishaya esandleni somdlali wePirates, uthe: "Ngenxa yendawo ebesimi kuyo, kulukhuni ukusho ukuthi kwenzakaleni. Sisazowubuka kahle lo mdlalo. Uma senze iphutha ngizoba owokuqala ukuxolisa kunompempe. Emidlalweni yalolu hlobo kumele bahlale beqaphile. Izinqumo abazithathayo zibaluleke ngendlela eyisimanga. Kulokhu zishaye thina, zisikhiphe zasiqeda emdlalweni. Sikhala kunjalo, okwenzekile into ejwayelekile ebholeni. Singabaqeqeshi sihlezi sifuna okudlulele kubadlali. Yingakho nakonpempe silindele izinqumo eziphusile.“
Lo mqeqeshi uncome uPule ngokudlala ingcwenga yebhola. UPule uchithwe yiPirates ekupheleni kwesizini edlule abesehlale kuyona iminyaka. Ubuyelene noHunt abadla naye izicoco kwiBidvest Wits kumasizini edlule.
"Uwuhlobo lomdlali ongamsebenzisa noma inini. Siyamazi sinoGavin, uke wasebenza nathi phambili, siyamazi ukuthi ubukhali kuphi uma kwenzenjani. Simhlole ezindaweni eziningi ngesikhathi silungiselela isizini ezoqala. Usazoshaya amagoli, kube yinto ekhuthazayo ukushaya igoli eqenjini ebelidlalela. Ukuba nomdlali ofana naye kuzosenza sibe nesizini enhle,“ kusho u-Arendse.
NgoSepthemba 14, iSuperSport izovula iBetway Premiership nomkhaya basePitoli, iMamelodi Sundowns, eLoftus Versfeld Stadium.