NGEKE kumdikibalise ukubekwa amabala ngenxa yophumela wakamuva ukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ongomunye wabadlali abagxekwe kakhulu kulandela isibhaxu sika-4-0, Amakhosi asithole koweDStv Premiership ngeledlule kuMaZulu FC.
Lolu qweqwe lukanozinti luvumile esithangamini nabezindaba izolo ekuseni, eNaturena, ukuthi lunesandla emaphutheni aholele ekutheni balotsholwe Usuthu kodwa luzimisele ukubhukula koweMamelodi Sundowns kusasa ngo-8 ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.
IChiefs imelwe umqansa wokuguqisa iSundowns engayazi induku emidlalweni yeligi engu-11 okufakazelwa igebe lamaphuzu angu-14 esilivule esicongweni kwi-log.
Nakuba konke kubukeka kuyiphikisa iChiefs kodwa uKhune ukhumbuze abadlali abaholayo ukuthi izikhathi ezinzima njengalezi, kulapho kuvela khona iChiefs yangempela.
“Iqiniso ukuthi unobhutshuzwayo umdlalo weningi kodwa uma kungahambi kahle kuba nedlanzana eliba nebhadi kuphunywe nalo iqhubu libekwe amabala,” kusho uKhune izolo ekuseni.
Lo nozinti benomdlali wasemuva, uZitha Kwinika, bangabanye babadlali abalandeli beChiefs abebebagxeka kakhulu ngomphumela abawuthole kwiSekhukhune United (emasontweni adlule) ekhaya, nowaMaZulu.
“Izikhathi ezinjalo ngiyazithanda ngoba kulapho ngibhukula khona ngivuke ngime ngezinyawo. Kusifanele ukubekwa amabala ngenxa yemiphumela yakamuva kodwa iqiniso ukuthi umphumela owodwa awusho ukuthi sesifana nento engekho.
“Ngiwumholi weChiefs ngakho-ke anginawo uphawini wokucasha ngesithupha njengoba sibhekene nalesi simo esibi esibhekene naso.
“Abadlali babheke mina ukuthi ngivuka kanjani kulesi simo ngakho-ke uma ngizokubalekela ukugxekwa ngamaphutha ami, ngiyobe ngibatshela ukuthi kwamina angizimisele ngokukhula.
“Ngizimisele ukukhula ngifunde njengomdlali nanjengomuntu ikakhulukazi njengoba kunenqwaba yabadlali abancane ababukela kimina.”
UKhune uthembise abalandeli baMakhosi ukuthi bazobona iqembu elihlukile koweSundowns ikakhulukazi njengoba besekhaya.
“Kuyaphoqa ukuthi ibengcono kakhulu indlela engizodlala ngayo kusukela manje kunale engidlale ngayo kwemibili edlule.
“Sengineminyaka engaphezulu kwengu-20 ngidlala ibhola elikhokhelayo futhi kuyona le minyaka sengibekwe amabala amahlandla amningi kodwa okumqoka ukuthi yini engiyenza emuva kwalokho?
“Siyiqembu futhi sizovuka sonke njengeqembu kwazise siyayazi sonke imigomo esizibekele yona ngaphambi kokuqala kwesizini. Okusihlalele ukuqhubeka nokudlala ngendlela esifuna ngawo.
“Abalandeli bethu bafanelwe okungcono ngakho-ke kusemqoka ukuthi sikhumbuzane njalo singabadlali ngezethembiso ebesizibekele zona ngaphambi kokuqala kwesizini,” kusho uKhune.
Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Cape Town City v TS Galaxy (Cape Town Stadium); Sekhukhune United v Swallows (Peter Mokaba).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v Maritzburg United (Princess Magogo); Royal AM v Chippa United (Chatsworth Stadium).
Ngo-8pm: Kaizer Chiefs v Mamelodi Sundowns (FNB Stadium); AmaZulu v Marumo Gallants (Moses Mabhida Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Orlando Pirates v Stellenbosch (Orlando Pirates).
Ngo-5.30pm: SuperSport United v Richards Bay (Lucas Moripe Stadium).