IBAMBA mqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, likuphikile ukuthi iMamelodi Sundowns imhlulile ngamaqhinga ngenkathi ezakhe zinenebulwa yileli qembu ngo 5-1 emdlalweni weDStv Premiership obungoLwesine eFNB Stadium, eGoli.
Bekuyiwe ekhefini zisabambene ngo 0-0 yize iChiefs ibingasaphelele ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kwesitobha nokaputeni, uGiven Msimango kusaphele imizuzu engu-19 kuqale umdlalo.
Ngenkathi kubukeka sengathi iChiefs isayibambile iSundowns, zijikile izinto ngesiwombe sesibili iSundowns yabuya ingasadle nkobe zamuntu.
Ikwazile ukuyihlakaza iChiefs ebishoda, uTashreeq Matthews evalela phakathi amagoli amabili, amanye ashaywa uMathias Esquivel, uLucas Ribeiro noThembinkosi Lorch. EleChiefs lokubika ekhaya kube yiphenathi eshaywe wuMduduzi Shabalala.
Nokho uJohnson ukholwa wukuthi yiphutha likanompempe elidale izinkinga zeChiefs, layiqhatha nenduku.
“Igoli labo lokuqala liqhamuke kade kudlaliswe kabi umdlali wethu kodwa unompempe walikhomba kwiSundowns,” kusho uJohnson.
“Kusukela ngaleso sikhathi iSundowns yaya ngaphesheya kwenkundla yashaya igoli. Lokho kuyabagqilaza emoyeni abadlali, yileyo inkinga yethu.
Kusigqilazile thina lokho. Besivele sesishoda kanti ibhola bekumele kube ngeleChiefs. Ngemuva kwalokho izinto zivele zabhimba kakhulu. Angicabangi ukuthi bangihlulile ngamaqhinga,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Kubabulele abadlali (isinqumo segoli lokuqala) bekungelona igoli, bekuyibhola leChiefs. Babe (abeSundowns) sebethola umgqigqo, basihlasela mawala bagcina bethole negoli lesithathu, elesine nelesihlanu.
Abadlali bethu bedlalela emuva, behlehla okuyinto esingavamile ukuyenza. Nokho angicabangi ukuthi bangixakile ngokwamaqhinga, ukuthi nje senze izinto ezingalungile enkundleni.”
UJohnson usho kanjena nje bekubhekeke ukuba enze izinguquko odongeni lwakhe lwasemuva ngemuva kokuphuma ngekhadi elibomvu kukaMsimango kodwa lo mqeqeshi akalwenza uguquko, nokubukeka kuyikho okungenise amanzi endlini.
IChiefs esahlezi ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili, ukuqhubeka kwayo nokulahla amaphuzu ngale ndlela kuya ngokuya kuwanciphisa amathuba ayo okuqeda isizini ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log yePremiership.
Emidlalweni eyisikhombisa kusukela emdlalweni wawo wabakhaya baseSoweto ne-Orlando Pirates ngoMashi, Amakhosi asehlulwe kwemihlanu adlala ngokulingana kowodwa, anqoba owodwa.
Kule midlalo emine ewasalele, Amakhosi abhekene nenselelo yokubhukula ukuze angazitholi ephuthwa yithuba lokuyodlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo.
Azobuyela ensimini ngokubhekana neTS Galaxy, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.