AKAFUNI abadlali bakhe bajabule baze bakhohlwe yizinselelo abasazobhekana nazo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, kulandela ukunqoba kwabo iSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku.
Amakhosi aqede irekhodi elibi lokungawini imidlalo emihlanu yeligi ilandelana, eshaya aMatsatsantsa ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UChristian Saile ubeke iChiefs phambili esiwombeni sokuqala, iSuperSport yalinganisa ngephenathi ebekwe enethini nguTerrence Dzvukamanja maphakathi nesiwombe sesibili.
Leli goli lilandelwe ngelikaMduduzi Tshabalala elisize iqembu lakhe liwathathe womathathu amaphuzu.
EzasePhefeni seziqoqe amaphuzu angu-33 emidlalweni ngu-25. Zisadinga eminye imiphumela emihle emidlalweni yazo esele ukuze zizibeke ethubeni lokuqeda zikwiTop 8 njengoba zibanga nenqwaba yamaqembu.
“Angicabangi ukuthi kufanele umuntu akhululeke njengamanje. Sisalelwe yimidlalo emihlanu futhi siyiKaizer chiefs akufanele sikhululeke ngokuba kule simo.
“Mhlawumbe ukuba sikhuluma indaba yokuthi sinqobe imidlalo emihlanu ilandelana, sadlala ngokulingana kowodwa, ngabe asiphathekile kabi,” kusho uJohnson kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi lo mphumela unqamule imiphumela emibi kodwa kufanele silungiselele ukuba ngcono emdlalweni olandelayo. Singathanda ukubuyela e-Village (Naturena) senze isiqiniseko sokunika abadlali isithombe okuyisona.
“Bayazi ukuthi sisemweni esinjani ngoba bangabadlali abakhokhelwayo. Bazi kamhlophe ukuthi yini edingekayo kubona emidlalweni emine noma emihlanu ezayo,”kusho uJohnson.
Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns eFNB Stadium ngoLwesine ebusuku. Ngemuva kwalokho izodlala naMaZulu FC, TS Galaxy, Polokwane City neCape Town Spurs.
UJohnson uthe kumkhuthazile ukubona iqembu lakhe likwazi ukumelana neSuperSport okungelula ukudlala nayo futhi unethemba lokubona ezakhe zilwa, zidlala nebhola elihle emidlalweni esele.
“Ngijabulile ngendlela abadlali bami abaqine ngayo ngokomqondo nemizamo yabo bebhekene neqembu elijwayele ukusigqilaza ngokomqondo. Besibhekene nomqeqeshi (uGavin Hunt) okhaliphe uma kukhulunywa ngendlela ahlela ngayo iqembu lakhe. Yiqembu elinamandla futhi elidlala kahle, kodwa sikwazile ukumelana nakho konke lokho.
“Igoli esilidedelile bekuyiphenathi, okuyinto ongakwazi ukuyihlelelela, ngakho-ke angilibali. Ngaphambi kwalo mdlalo sidedele amagoli alula, kodwa kufanele singakhohlwa ukuthi ngaphambi kwalokho besidlale imidlalo eyisishiyagalombili singangenelwa igoli.
“Into esemqoka akukona ukuthi singangenelwa igoli noma sihlohle inqwaba yamagoli, okubalulekile ukudlala kahle nohlobo lwebhola olwenza iqembu linqobe imidlalo,” uphethe kanje lo mqeqeshi.