UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, ulindele ukuthi abadlali bakhe bangayithathi kancane iDondol Stars abazobhekana nayo kwiLast 32 yeNedbank eLucas Moripe Stadium, ngo-7:30 kusihlwa.
AmaTsatsantsa asendaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership, okuyindawo ayibanga neqwaba yamaqembu. I-Stars iqhwakele kwi-log ye-ABC Motsepe League eGauteng, okuyisigaba sesithathu ebholeni lakuleli.
UHunt uthe nakuba kungase kubasebenzele kwesinye isikhathi ukuqhathwa neqembu elisuka esigabeni esiphansi, kubalulekile ukuthi abadlali bazimisele ukuze badlulele emzuliswaneni olandelayo.
“Ngeke wazi ukuthi uzohlangana nani kulolu hlobo lwemidlalo. Siyibukile imidlalo yabo embalwa futhi sinolwazi oluthile ngokuthi badlala kanjani," kusho uHunt.
"Umdlalo sizowuhlonipha ngendlela efanele, sibe sesimweni esihle ngokomqondo, sidlale ngezinga eliphezulu."
UHunt, owanqoba iNedbank Cup naMaTsatsantsa ngo-2012, uthe imidlalo yomkhumulajezi ibaluleke ngokulinganayo neyeligi futhi ngeke balithambise iqembu.
“Sinesibalo sabadlali esincane, ngakho kufanele ngibheke izindawo ezithile lapho sinezinkinga khona nalapho singenazo. Wonke umuntu uyazi ukuthi kunabadlali bethu abamqoka abangekho ngenxa yokulimala. Kufanele siqaphele indlela esisebenzisa ngayo isikwati njengoba sineminye imidlalo ngesonto elizayo,” uqhube kanje.
“Inzima imiqhudelwano yomkhumulajezi kuleli ngoba amaqembu ayithatha njengethuba lokwenza imali.
"Izinto zingakujikela uma ungawuhloniphi umdlalo. Awukho umdlalo engake ngawuthatha kancane, ngisho owobungani.“
Umqeqeshi weStars, uKhuliso Rashamuse, uthi bazoyihlonipha iSuperSport njengelinye lamaqembu amakhulu kuleli kodwa bazokwenza konke okusemandleni ukunqoba umdlalo.
"ISuperSport iyiqembu elikhulu, siyayihlonipha. Njengoba siyiqembu elisakhula, siwubheke ngabomvu lo mdlalo kodwa kasifuni ukwanda ngomlomo sisho izinto ezingeke zenzeke," usho kanje.
“Sizongena ngokuzithoba kodwa lokho akusho ukuthi ngeke sizinikele. Ngike ngabona abaqeqeshi bamaqembu amancane, bethi bafuna iSundowns kodwa uma sebeyitholile iSundowns bayabona ukuthi ukukhuluma akufani nokwenza.
"Sifunde okuningi kulokho. Yingakho sikhetha ukuzithoba.“
Komunye umdlalo weNedbank Cup onamuhla, iSekhukhune United izokwamukela iLiver Brothers ePeter Mokaba Stadium ngo-7.30.
IBabina Noko isendaweni yesikhombisa kwi-log yeDStv Premiership kanti izimbangi zisendaweni yesihlanu kwi-log kwiSafa SAB Regional League eHlanzeni, eMpumalanga.