BEKUNGAFANELE iSuperSport United iye emdlalweni wokugcina weDStv Premiership isayolwela ukuqeda endaweni yesibili ngokusho komqeqeshi waleli qembu, uGavin Hunt.
Amatsatsantsa asendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-51 emidlalweni engu-59. Ayalingana ngamaphuzu ne-Orlando Pirates elele isibili ngenxa yokushaya amagoli athe xaxa.
Ukuqeda isibili kwiligi kuhambisana nethikithi lokudlala kwiCaf Champions League yangesizini ezayo.
EzikaGavin Hunt zidinga ukunqoba iSekhukhune United emdlalweni wokugcina ngoMgqibelo ngo-3 ntambama bese zimincela ukuthi iPirates iqhuzuke uma isisonga iligi ngokubhekana naMaZulu FC ngosuku olufanayo.
Uma kwenzeka enqoba womabili amaqembu, iSuperSport kuzodingeka ihlohle amagoli amaningi njengoba isele ngamabili kweZimnyama. UHunt uthe bazifake bona obishini ngokudedela amaphuzu emidlalweni ebucayi.
“Uma ubheka emuva siye sadlala ngokulingana emidlalweni embalwa lapho sigeje khona amaphenathi. Kufanele ngabe sikude kakhulu manje. Besingeke siyibambe iSundowns kodwa ngabe sesiphakathi kwiChampions League, nokuyinto engicabanga ukuthi akekho obecabanga ukuthi singayenza ekuqaleni kwesizini,” kusho uHunt.
“Kufanele ngituse abadlali ngokuzimisela nokuqhubeka bazikhandle noma sekunzima. Uma ubuza noma yimuphi umqeqeshi osesalelwe ngumdlalo owodwa angasho ukuthi bekufanele senze kangcono emidlalweni ethile.
“Sigeje amaphenathi amathathu, okusho ukuthi sidedele amaphuzu ayisithupha. Yebo, sibenayo inhlanhla kweminye imidlalo kodwa uma ubheka isizini yonke besilokhu sithuthuka.”
ISuperSport yagcina ukudlala kwiChampions League ngesizini ka-2010/11, yakhishwa yi-Al Ahly kweyokuhlunga. Yagcina ukuba yingxenye yeConfederation Cup ngesizini ka-2017/18, yakhishwa yiGor Mahia yaseKenya ingakangeni kweyamaqoqo.
“Angikwazi ngempela ukusho engifuna ukukusho okwamanje. Ngokwami nabadlali singaphoxeka kakhulu uma sihluleka ukungena kwiChampions League ngoba sizigwaze ngowethu,” kuqhuba uHunt.
“Bekufanele siye emdlalweni wokugcina sesikhululekile kodwa sizodlala ngoMgqibelo futhi sizozama konke okusemandleni ethu.
“Ngokwami iChampions League umqhudelwano omuhle. Uyalithola nethuba lokusebenzisa abadlali abasebancane, ubakhulise. Ngiyakuthokozela ukuba yingxenye yayo,” uphethe kanje uHunt.
Uma kwenzeka Amatsatsantsa egcina ehlulekile ukugudluza ezikaMagebhula, azophelela kwiConfederation Cup edlalwa yiqembu elilale isithathu kwiligi nelizonqoba iNedbank Cup.