UYABALISA umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, ngakubize ngomkhuba omubi wokuyekelela izinto okuholele ekutheni imidlalo yasekhaya yaleli qembu yeligi isuswe eLucas Moripe Stadium, yayiswa e-TUT Stadium.
Uthe ukunganakwa ngendlela efanele kwale nkundla ese-Atteridgeville kugcine kuphoqa iPremier Soccer League (PSL) ukuba iyiyekise le nkundla ukuba isingathe imidlalo yayo.
NgokukaHunt obekhuluma nabezindaba ngempelasonto eTshwane University of Technology (TUT) Stadium, lapho ezakhe zinqobe khona ngo 2-0 kwi-TS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership, uzwakale enganeme ngokususwa eLucas Moripe.
“Silahlekelwe inkundla yethu enomlando omude esidle kuyona izindebe ezimqoka namaligi ngenxa yomkhuba omubi waseNingizimu Afrika wokunganakwa kwezinto,” kusho uHunt.
“Ngaphandle kweyezinkomishi, asiyazi induku eLucas Moripe kule sizini ngakho-ke uma ususwa lapho kufana nokususwa endaweni ojwayele ukulala kuyona unethezeke.
“Nangemuva kwesikhathi sami sokudla amaligi elandelana, iSuperSport iqhubekile nokudla izindebe ngakho-ke inkundla yomlando le esilahlekele ngenxa yobudedengu obebungagwemeka kalula.
“Busezingeni eliphezulu utshani baseLucas Moripe kodwa kusobala ukuthi lokhu okufanele ngabe kunakiwe, akunakiwe.
“Inkundla imiswe i-PSL ngoba inezinto eziningi ezingekho esimeni esifanele kodwa konke kuthinta ukunakekelwa noma ukunganakekelwa kwengqalasizinda. Kunezinkinga eziningi kodwa zithinta ukulungiswa kumbe ukukhandwa kwezinto vele okwaziwayo ukuthi kufanele zikhandwe emuva kwesikhathi.
“Umkhuba wethu sonke eNingiziimu Afrika ukuyekelela izinto. Nakule nkundla sikulesi simo esikusona ngenxa yawo lo mkhuba,” kulandisa uHunt.
Nakuba lo mqeqeshi eqonda ukuthi akukho abangakwenza manje kodwa akafihli ukuthi kuyabaphazamisa ukufuduka (eLucas Moripe Stadium).
“Akuyona into elula ukususwa enkundleni ongakaze wehlulwe kuyona isizini yonke ngenxa yesizathu esingakuthinti kumbe ongenawo amandla okuphawula ngaso,” kuphetha uHunt.
ISuperSport ihlezi endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-43. Emdlalweni olandelayo weligi izovakashela iMarumo Gallants ngo-Ephreli 18.