KUSUKE imvunge ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi iSuperSport United inqobe umdlalo wayo weDStv Premiership wesibili kulandelana.
Leli qembu lihlule iSekhukhune United ngo 3-1 emdlalweni weligi. Belibuya ekwahluleni iRoyal AM ngomphumela ofanayo ngoLwesibili olwedlule.
Bese ishintshile inkulumo kwabanye sebebona umqeqeshi waMatsatsantsa a Pitori, uGavin Hunt esehlangise iqembu elingakwazi ukufaka umbango wesicoco seligi.
Lokhu kwenzeka nje ngesikhathi kuqala iligi, ezikaHunt zinganqobi emidlalweni emine yokuqala, kukhona abase bengabaza amagalelo alo mqeqeshi onezicoco ezine zeligi. Abanye base bethi uphelelwe ushatini, bebalula ukuthi akazange enze lutho kwiKaizer Chiefs nakwiChippa United okungamaqembu achithwe kuwona ngaphambi kokuthi abuyele kwi-United. Ubekhonjwa indlela ngenxa yemiphumela engemihle.
Ngokunqoba, i-United isinamaphuzu awu-17 emidlalweni eyishumi. Ingemuva ngamaphuzu amathathu kwiMamelodi Sundowns esazihola phambili ngamaphuzu awu-19 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
UHunt ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo neSekhukhune, uyichithile eyokuthi iqembu lakhe selingafaka ingcindezi kompetha beligi, iSundowns.
“Angicabangi nokuthi sisondele (embangweni wesicoco seligi). Ngiyokwazi uma sesisondele njengoba ngangazi ngesikhathi ngifika okokuqala lapha,” kusho uHunt.
UHunt wanqoba izicoco ezintathu zeligi naMatsatsantsa ngo-2008, 2009, 2010. Esokugcina seligi usinqobe neBidvest Wits ngesizini ka-2016/2017.
“(Kodwa) okwamanje sisazama ukuqoqa amaphuzu amaningi esingakwazi ukuwathola ngokubhekana nomdlalo ngamunye. Ngisacabanga ukuthi i(Orlando) Pirates ilona kuphela iqembu elingakwazi ukuphosela inselelo iSundowns, thina abanye sisembangweni nje wezinye izindawo,” kuqhuba uHunt.
Lo mqeqeshi ube esekhala ngekhefu elikhona ngaphambi komdlalo wabo olandelayo. Bazoze bavakashele iStellenbosch ngo-Okthoba 18.
Ngemuva kwalokho bayoze baphinde badlale koweligi neSwallows ngo-Okthoba 30 bese kuba yikhefu leNdebe yoMhlaba ngoNovemba kuze kubuywe ngoDisemba 30.
“Sidlale kahle ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba bekunomoya. Ngicabanga ukuthi kube yisonto elihle kithina kodwa ngemuva kwalokho kuzoba nekhefu amasonto amabili, maningi nje amakhefu. Kodwa ke akukho ukwenzenjani kumele silungiselele umdlalo owodwa ngesikhathi,” kusho uHunt.