ISIHLABANI se-Orlando Pirates, uDeon Hotto, sesiqalile ngezinhlelo zokusiza umphakathi wangakubo eSwakopmund, eNamibia, ngokunikela ngemali yokwakha inkundla yezemidlalo.
UHotto, ophinde adlalele iqembu lesizwe laseNamibia, wethule ngokusemthethweni inhlangano yakhe esungulelwe ukufukula umphakathi, iDeon Hotto Foundation, ezweni lakhe ngesonto eledlule.
Le nhlangano ihlela ukwakha inkundla yebhola ezomumatha abantu abangu-10 000, inkundla ye-netball, indawo yokuzivocavoca kanjalo nesitolo esizodayisa izimpahla ze-adidas. I-adidas ingenye yezinkampani ezingabaxhasi balo mdlali ogijima ngekwesokunxele.
Kuvele ukuthi uHotto nomndeni wakhe banikele ngo-2 million wama-dollar aseNamibia (ngaphezudlwana kuka-R2 million) ukuze baqale lo msebenzi. Kuphinde kwengezwa no-1 million wama-dollar aseNamibia onikelwe ngabebekhona kulo mcimbi.
“Lokhu esikufakile kuvela kimina, umkami nomndeni wami wonke. Bekungelula ukufaka u-2 million kodwa nganginephupho ngesikhathi ngisungula le nhlangano futhi ngiyazi ukuthi lizofezeka ngosizo lukaNkulunkulu,” kusho uHotto ecashunwa yiphephandaba laseNamibia, iThe Era, ngesikhathi ekhuluma kulo mcimbi.
Kwabebekhona kuwona kubalwa inkakha yebhola yaseNamibia, uRiccardo Manetti, uzakwabo kaHotto eqenjini lesizwe uPeter Shalulile, odlalela iMamelodi Sundowns, nomqeqeshi weqembu lesizwe, uCollin Benjamin.
“Kunale nkolelo engeyinhle yokuthi abadlali bebhola abafundile, abanazo izinhlelo zekusasa, nokuthi sivamise ukudwanguza nje empilweni singazi ukuthi siyaphi. UHotto uyisibonelo esihle, ngokuhlelela ikusasa esanesikhathi, aphinde acabangele nezizukulwane ezilandelayo,” kusho uBenjamin.
“Bengilinde umdlali ozothatha lesi sinyathelo, uDeon washeshe waphakama. Ngijabule kakhulu ngokuthi usebenzela ulwela izizukulwane ezizayo futhi akakhohliwe wumphakathi aqhamuka kuwona.”
UHotto wajoyina iPirates esuka kwiBidvest Wits ngo-2020. Ngaphambi kwalokho udlalele iBloemfontein Celtic neLamontville Golden Arrows eNingizimu Afrika, wagijima kwiBlue Boys ne-African Stars ezweni lakhe.
Uqale ukudlalela iqembu lesizwe leNamibia kusukela ngo-2013 kanti useshaye amagoli angu-11 emidlalweni engu-71 ayidlale kwiBrave Warriors.