USALOBIZELA ukubuyela kwiBafana Bafana umdlali wasemuva weSuperSport United, uThulani "Tyson" Hlatshwayo, ophume eqenjini lesizwe kukhishwa "amakhehla".
UHlatshwayo, ozohlanganisa iminyaka engu-33 yobudala ngeSonto, ubengukaputeni weBafana ngesikhathi somqeqeshi, uStuart Baxter, nangesikaMolefi Ntseki. Uhole iqembu lesizwe emqhudelwaneni, i-Africa Cup of Nations, e-Egpyt ngo-2018 lifinyelela kuma-quaterfinal.
NgoMeyi umqeqeshi, uHugo Broos, waseBelgium ufike wabakhipha bonke abadlali asebekhulile kwiBafana, ezeseka ngokuthi iNingizimu Afrika ayizuzanga lutho kudlala bona, wayiqala phansi ngabadlali abasebancane. Lokhu akwehlanga kahle kubadlali nakubalandeli.
UHlatshwayo uthe nakuba uBroos engazange amhlalise phansi njengokaputeni amchazele ngezinguquko kodwa ngeke amkhulume kabi.
"IBafana yiqembu lethu. Yiqembu lezwe. Kudingeka kukufanele ukugqoka leliya jezi. Umqeqeshi akangithintanga akhulume nami. Akakhulumanga nami ngisho mayelana nezinhlelo zakhe. Lokho akwenzekanga kodwa ngeke ngiziphindiselele, ngimkhulume kabi," kusho uHlatshwayo.
"Ngikuthokozele futhi ngizizwa ngihloniphekile ngokudlalela izwe lami ezingeni eliphezulu, ngigqoke ibhande likakaputeni, ngicule iculo lesizwe. Yilokho engangivele ngikufuna njengomdlali webhola njengoba ngidlalele wonke amaqembu esizwe abasakhula ngaze ngayofika kwelikhulu."
UHlatshwayo ulahlekelwe yindawo yakhe kwiBafana esenyamanambana kubalandeli be-Orlando Pirates agcine ephenduka isibukeli kuyona. Manje ngaphansi komqeqeshi, uGavin Hunt, kwiSuperSport ubukeka esebuyelwe wukuzethemba kwazise usedlala njalo. UHlatshwayo noHunt bawine izindebe okubalwa kuzona isococo seligi kwiBidvest Wits ngo-2017.
Nakuba uBroos eqinise isandla esafika mayelana nokungabafuni abadlali abadala kodwa emidlalweni embalwa edlule ukhombise ukuthamba ebiza uThemba Zwane (33) weMamelodi Sundowns.
UHlatshwayo uthe usafuna ukudlalela iBafana futhi uyaziqonda izinguquko ezenziwe nguBroos.
"Ngesikhathi sikwiBafana iminyaka emine edlule, besisebenzela iphupho lonyaka u-2022 ebelihambisana nokuzibekisela indawo kwi-Afcon nakoweNdebe yoMhlaba. Asiphumelelanga kulokho. Uma ubheka umdlalo wethu neSudan, sihluleke ngephuzu ukuzibekisela indawo kwi-Afcon. Ngicabanga ukuthi kuwumqondo ophusile ukuqala phansi. Sibonile amaqembu esizwe koweNdebe yoMhlaba evuselela izikwati zawo. Thina sidlale yonke le minyaka sangawina lutho. Ngicabanga ukuthi esinye isizukulwane kufanele sithathe izintambo. Mayelana nokubuyela kwami eqenjini lesizwe, kufanele ngenze kahle kwiSuperSport, ngithathe iso lomqeqeshi. Angikayiyeki eyokudlalela iBafana kodwa ngigxile kakhulu kwiSuperSport," kusho uHlatshwayo.
ISuperSport ihleli endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-12. Ingemuva ngamaphuzu ayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns eqhwakele.
Izobuyela ensimini ngoDisemba 30 ivakashelwe yiMarumo Gallants. Khonamanjalo, iBafana lena asaphupha ngayo uHlatshwayo inemidlalo emqoka ngoMashi lapho izobe ihlungela i-Afcon ka-2024 emidlalweni emibili neLiberia.