UMGADLI weSuperSport United, uBradley Grobler, usezibekele umgomo wokuphula irekhodi lamagoli likaSiyabonga Nomvethe kwiPremier Soccer League (PSL).
UGrobler (34), odlale kwiPlatinum Stars ne-Ajax Cape Town kuleli, ngomunye wabagadli abesatshwayo kwiDStv Premiership. Udle umklomelo wamagoli iLesley Manyathela Golden Boot emuva kokuvalela phakathi amagoli angu-16 ngesizini ka-2020/2021.
Kweka-2022/2023 kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba uGrobler esebambene ngamagoli ayisithupha noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns noCaleb Bimenyimana weKaizer Chiefs. ISuperSport isinemidlalo ewu-12 yeligi.
Ekhuluma nabezindaba eThekwini, uGrobler, oseshaye amagoli angu-97 selokhu kwasungulwa iPSL ngo-1996, uthe nakuba iminyaka isihambile kodwa akufunayo manje wukuphula irekhodi lamagoli angu-123 eliphethwe nguNomvethe. Emuva kukaNomvethe kuhlezi uMabhuti Khenyeza noDaniel Mudau oyinkakha yeMamelodi Sundowns ngawu-110 emunye. UManuel "Tico Tico" Bucuane waseMozambique odlalele iJomo Cosmos ne-Orlando Pirates, wagcina ku-104. Iqoqo labagadli abanamagoli angu-100 nangaphezulu livale ngoCollins Mbesuma waseZambia ngo-103.
"Yinto engisanda kuyazi futhi iyangijabulisa. Uma ngibuka amagama nabantu abashaye amagoli angu-100, amagama amakhulu, abadlali abakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika futhi sekunesikhathi kugcine ukwenzeka. Yinto ezongigqugquzela. Anginaso isiqiniseko kahle sokuthi ubani ohamba phambili ngamagoli kodwa ngiyazethemba ukuthi ngisazodlala eminye iminyaka embalwa. Sekuzoba wumgomo engizibekele wona olandelayo," kusho uGrobler.
Phezu kokuba elifuna leli rekhodi uGrobler kodwa akafuni ukuzifaka ingcindezi.
"Kuyafana neSuperSport, akusilona iqembu elithi lifuna ukuwina iligi. Kodwa iyodwa into engingakutshela yona, sizozama. Ngizozama ukwephula leli rekhodi. Yilokho engizibekele kona. Abantu abaningi bacabanga ukuthi uma usuneminyaka ewu-34 noma 35 usumdala. Kimina akunjalo. Ngizizwa ngisesimeni esihle ngendlela engikade ngayigcina. Ngizoziphusha ukuze ngiphule irekhodi lamagoli."
UGrobler ubalwa nabadlali baseMzansi abashaye amagoli beqala ukudlala kwiBafana Bafana. Igoli lakhe lokuqala walishaya ngo-2011 ngesikhathi iBafana iguqiswa yiZimbabwe ngo 2-1 emdlalweni wobungani eHarare ebuholini bomqeqeshi uPitso Mosimane. Ngaphezu kwalokho uGrobler ubambene no-Abram Raselemane kubadlali abashaye amagoli amaningi emlandweni weSuperSport. Bashaye awu-57 emunye.
"Kuyangijabulisa lokhu. Ababaningi abantu ababuka iSuperSport njengeqembu elikhulu ngoba asinazo izinkulungwane ngezinkulungwane zabalandeli. Kodwa kimina eminyakeni, angazi emingaki, leli yiqembu elikhulu. Yiqembu elinamagugu nomlando omude. Kimina leli yiqembu elingiphathe kahle. Lena yindlela yokulibonga ngokungeseka ezikhathini ezinzima. Ngakho kuyangijabulisa. Ayeza amanye amagoli," kusho uGrobler.
ISuperSport isiqala ukuhlangana selokhu kubuye umqeqeshi uGavin Hunt. Iye ekhefini isilele endaweni yesithath kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-21. Izobuyela ensimini ngoDisemba 30 iyobhekana neMarumo Gallants eLucas Moripe Stadium.