UNOZINTI weSuperSport United, uRicardo Goss, ubona izomvulela amathuba eyokubolekiswa iminyaka emibili kuleli qembu.
UGoss ubolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMatsatsantsa ekuqaleni kwesizini, waphambana noRonwen Williams obevimba kuyona iSuperSport. Ubolekiswe nabanye abadlali okunguGrant Margerman nomgadli uThabang Sibanyoni.
Ngokwesivumelwano esiphakathi kweSuperSport neSundowns, uGoss uzoqhubeka kwiSuperSport nangesizini ezayo.
Kusukela efike kuMatsatsantsa usevimbe emidlalweni engu-21, wangenelwa ngamagoli angu-14. Ngesikhathi uGoss efika kwiSundowns esuka kwiBidvest Wits bekunethemba lokuthi uzolidla ijezi kuDenis Onyango kodwa uzithole ephenduka isibukeli eChloorkop.
Ezinyangeni ezedlule, umqeqeshi weSuperSport, uGavin Hunt ukhale ngesinqumo okufanele basithathe ngabadlali abababoleke kwamanye amaqembu.
"Ngibolekiswe iminyaka emibili. Yinto engiqala ukuyizwa nami kanti angazi ukuthi kuzokwenzekani uma kuphela isizini. Anginaso isiqiniseko sokuthi amaqembu azovumelana ngani uma kuphela isizini. Kodwa ukuhlala lapha kuzongisiza kakhulu ngoba ngiyadlala. Ngiyajabula ngalokho ngoba kwiSundowns ngihlale iminyaka emibili ngingadlali.
“Ukuhlala kwiSuperSport kusho ukuthi nginethuba lokudlala njalo. Lokho kuzokwenza ngikwazi ukulwela ijezi nakwiBafana Bafana njengoba izoya kwi-Africa Cup of Nations.
“Umqeqeshi weqembu lesizwe ubheka onozinti abadlala njalo. Ukuhlala enye isizini kwiSuperSport kuzongivulela amathuba ikakhulukazi njengoba iqembu lenza kahle," kusho uGoss okhulele kwiLamontville Golden Arrows.
ISuperSport isethubeni lokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership. Uma kwenzeka lokho kuzoyinika ilungelo lokumela iNingizimu Afrika kwiCaf Champions League neSundowns ngesizini ezayo.
Isele ngamaphuzu amabili kwi-Orlando Pirates esendaweni yesibli namaphuzu angu-50. Amatsatsantsa asendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-48 emidlalweni engu-28. NgoMgqibelo ngo-3 ntambama, iSuperSport izobhekana neKaizer Chiefs eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West. Izogadulisana naMakhosi asazikhotha amanxeba kulandela ukukhishwa yiPirates kwiNedbank Cup ngempelasonto edlule.
"IChiefs kuzoba nzima ukudlala nayo ngenxa yokuthi yehluliwe emdlalweni odlule. Ngeke ivume ukuhluleka imidlalo ilandelana. Ayisenalo ithuba lokudlala kwiChampions League kodwa isenalo elokudlala kwiConfederation Cup. Sizokulwela ukungena kwiChampions League. Siyiqembu sisebenza ngokubambisana. Sizowalwela amaphuzu,“ kusho uGoss.