OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, u-Ayanda Gcaba, uyibeka ezandleni zomqeqeshi uJose Reviero impumelelo yeZimnyama, azibona zingakuqeda ukukhonya kweMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership.
UGcaba, oseyibamba kwi-Emmanuel FC edlala kwi-ABC Motsepe Foundation Championship yaseLimpopo, udlale kwiPirates phakathi kuka-2012 no-2018. Ubekhona eqenjini elihlulwe kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2013 nelishaywe kowamanqamu weCaf Confederation Cup ngo-2015 ngaphansi komqeqeshi uRoger De Sa no-Eric Tinkler ngokwehlukana. Le minyaka yiyona okuqale ngayo ukuhlangana kweSundowns esishaya amaphiko ebholeni laseMzansi.
UGcaba oyisitobha, ukholwa wukuthi iqembu lakule sizini lePirates liqine ngokwanele ukuthi lingakuqeda ukucanasa kweSundowns kwiPremiership. Kodwa konke kusezandleni zikaReviero.
"Umqeqeshi kufanele athole isikimu esisodwa azogxila kusona. Ukushintsha njalo akulakhi iqembu. Ngokwami ubebukeka engakabazi abadlali azodlala ngabo. Lokhu kwenza ngidideke ukuthi kanti ubenzani ngesikhathi kulungiselwa ukuqala kwesizini, ngoba yilapho obheka khona abadlali, uthole nesikimu ozosidlalisa. Iqembu lihle kodwa umqeqeshi kufanele anikeze abadlali ababodwa imidlalo emine kuya kweyisihlanu bedlala ndawonye. Ngokwami abadlali abakhona kwiPirates basezingeni eliphezulu futhi bangakwazi ukuphosela inselelo iSundowns. Kodwa badinga ukuthi umqeqeshi aqoke azodlala ngabo, abadedele badlale ndawonye ukuze bezoxhumana kahle," kusho uGcaba.
Ukhuluma kanjena nje uGcaba, baningi abalandeli beZimnyama abakhala ngokushintsha njalo isikimu kukaReviero, ikakhulukazi emuva nasesiswini. Emuva kwesokudla sekuyaziwa ukuthi osuke eqale umdlalo phakathi kukaBandile Shandu noThabiso Monyane, ngeke awuqede. Uma kuqale uMonyane, esiwombeni sesibili kuhlala kungena uShandu.
NgoLwesihlanu ngo-3.30 ntambama, iPirates izovakashela iSundowns emdlalweni wePremiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. Kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba iSundowns ihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-12. IPirates isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-13.
"Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu. Ngesonto eledlule kade nginabanye abadlali beSundowns uKapinga (Lesedi) noMbule (Sipho). Ayikho enye into abayikhulumayo ngaphandle kokuwuwina lo mdlalo. Bagqugquzeleke ngenye indlela. Kodwa iPirates kufanele iwine imidlalo efana nalona, izihlole ukuthi ikuphi ngokwezinga nangokulungela ukubanga isicoco seligi. IPirates idinga ukubumbana, izwane. Kukhulu engakuzuza uma ithembana enkundleni," kusho uGcaba. La maqembu aseke ahlangana kule sizini kwiMTN 8, kulowo mdlalo iPirates yanqoba ngo 3-0 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu, base bedlala ngokulingana kowesibili.
Ngaphambi kwekhefu la maqembu adlalile kwiCarling Black Label Cup, amaBrazilians adlula ngo 4-0.