KUBUKEKA edonse neso lompetha beDStv Premiership, umdlali osemncane weSuperSport United, uThapelo Maseko, okuvela ukuthi ufunwa omakhelwane beqembu lakhe basePitoli, iMamelodi Sundowns.
Isolezwe lihoshe ukuthi uRhulani Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi bamaBrazilians, usha amashushu ngalo mdlali oyibamba ohlangothini lwesobunxele esiswini.
Ngokusho komthombo izingxoxo phakathi kwesikhulu esiphezulu se-United, uStan Matthews neze-United ziyaqhubeka. Kuthiwa iSundowns ayinayo inkinga lokukhipha itshe lemali ngalo mdlalo.
"Esinye sezizathu sokudayisa lo mdlali ukuthi uMatthews ukhala ngokungabi nemali eyanele yokuqinisa iqembu lakhe njengoba liya kwiCaf Confederation Cup. Ukholelwa ekutheni imali angayithola izomsiza kakhulu ekufezeni lokhu," kubeka umthombo.
ULance Davids ongumphathi wezindaba zikaMaseko (20), uthintiwe yileli phephandaba, washaya ngamafuphi, wathi: “Azikho izindaba engingazisho ngoMaseko, kusathule okwamanje.”
Imizamo yokuthola abeSundowns kanjalo noMatthews ayiphumelelanga njengoba izingcingo bezingaphendulwa futhi nemibuzo abathunyelelwe yona igcine ingaphendulwanga.
Uma la maqembu egcina edayiselene ngalo mdlali kuzobe kungaqali njengoba kumasizini edlule, i-United idedele abanye abadlali bayo abebegqamile, uSipho Mbule, unozinti uRonwen Williams, Tebogo Mokoena, Grant Kekana, Aubrey Modiba, asebeyibamba kwiSundowns.
Nokho ke akusiyo iSundowns yodwa efuna uMaseko njengoba Isolezwe lithole ukuthi kukhona neqembu laseTurkey nelaseBelgium amfunayo.
“Ngicabanga ukuthi sekuzoya ngokuthi kula maqembu womathathu yiliphi elibeka into ecacile etafuleni. Ngokwazi kwami iSuperSport ifuna kushaye uJuni 25 seyazi ukuthi uzoya kuliphi iqembu umdlali,” kuqhuba umthombo.
UMaseko (20) obengumdlali weDStv Diski Challenge, ufike wangena khaxa eqenjini elikhulu eliqeqeshwa uGavin Hunt, eligcine liqede endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership
Emidlalweni ewu-24 yeDStv Premiership ushaye amagoli amane. Udlale nowodwa weNedbank Cup. Ube nanesandla ngasemidlalweni yokugcina yeDiski Challenge egcine inqotshwe ezakhe. Uqokwe njengeYoung Player of the Year kuMatsatsantsa.
Ukuzimisela kwakhe kuholele ekutheni aqokelwe eqenjini lesikhashana leBafana Bafana elizobhekana neMorocco kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ngoJuni 17, eFNB Stadium.