IYAKUVUMA inhloko yabaqeqeshi beDurban City, uSimo Dladla, ukuthi ufana nowamagqubu umdlalo wabo neCape Town Spurs onamuhla, ngo-7.30 ebusuku, eChatsworth Stadium.
Kuzokhumbuleka ukuthi yiSpurs eyashovela iCity kwiMotsepe Foundation Championship kuma-play-off esizini ka-2022/23.
Leli qembu likaFarouk Kadodia elalisabizwa ngeMaritzburg United, laliqeqeshwa uFadlu Davids osecija iSimba yaseTanzania.
Emdlalweni okwakungowokugcina neSpurs, eHarry Gwala Stadium, kwakufanele linqobe noma kanjani.
Nokho umdlalo wagcina uphela ngeqanda nhlangothi zombili. Kwaba ukwenyukela esigabeni esiphezulu kweSpurs eyayiqeqeshwa uShaun Bartlett owagcina ekhonjwe indlela.
Yasonga ngamaphuzu ayishumi, iCity yaphelela kwayisikhombisa.
ICity yazithola ikulolu bishi ngenxa yokusonga isizini ka-2022/23 isendaweni yesi-15 kwiBetway Premiership. Sekuyindaba exoxwayo ukuthi ngesizini edlule iSpurs ibuyele kwiMotsepe.
Yehlike nomqeqeshi wayo u-Ernst Middendorp owangena esikhundleni sikaBartlett.
UDladla uthe nakuba wayengakafiki ngesikhathi iCity idliwa yizembe kodwa kwaba buhlungu nakuye.
“Uma ukhuluma nabantu ababekhona ngesikhathi iMaritzburg (iCity) idliwa yizembe uyabona ukuthi yabaphatha kabi iSpurs. Ngowamagqubu ngempela umdlalo neSpurs. Empeleni leli gqubu ilona elisinika umdlandla,” kubeka uDladla.
Uthe nakuba lo mdlalo uzoba nzima kodwa kuyabaphoqa ukuthi banqobe.
"Sidlala neqembu elinzima, elingakehlulwa njengathi. Libuye nenqwaba yabadlali nomqeqeshi ababeyibambe ngesizini edlule. Thina sishaywe ukudedela abanye babadlali bethu. Omunye wabo u-Andiswa Sithole osekuMaZulu. Okwenza ngithi kuyasiphoqa ukuthi sinqobe ukuthi sivumelane ngokuthi sifinyelele esibalweni esithize samaphuzu emidlalweni emihlanu yokuqala. Asikafiki kuso,“ kusho uDladla.
Kweyokuqala iCity ishaye ngo 2-1 iPretoria Callies neKruger United ngokwehlukana. Kwemibili elandelile ibambane neVenda neHighbury. ISpurs ibambane ngeqanda neCallies neMilford yase inqoba kwiVenda nakowokugcina kwiHighbury.
Imidlalo yeMotsepe Foundation kule mpelasonto:
Namuhla - Ngo-3 pm: Highbury v Upington (Nelson Mandela University Athletics Stadium); Casric v Orbit (Lucas Masterpiece).
Ngo-7.30 pm: City v Spurs (Chatsworth).
Kusasa - Ngo-3 pm: Kruger v Milford (Mbombela); Leruma v JDR (Lucas Masterpiece); Leopards v Callies (Thohoyandou); Hungry v Venda (Suzuki).
NgeSonto - Ngo-3 pm: University of Pretoria v Baroka (Tuks).