UKHULUMA ngokucophelela uFadlu Davids ongumqeqeshi weSimba S.C uma ebuzwa ngamathuba okubuyisela leli qembu esicongweni ebholeni laseTanzania.
Lo mqeqeshi odabuka eKapa, eWestern Cape, ujoyine iSimba ekuqaleni kwale sizini ephuma kwiRaja Casablanca yaseMorocco abesiza kuyo uJosef Zinnbauer waseGermany.
Kuke kwaphela isikhathi eside iSimba ikhonya ebholeni laseTanzania, bekuyiyona ebihlale ibonakala kwiChampions League. Nokho kumasizini edlule lokhu kukhonya kuthathwe iYoung Africans esinqobe isicoco seTanzanian Premiership amasizini amathathu kulandelana.
ISimba eteketiswa ngeReds of Msimbazi, yagcina ukuphakamisa inkomishi yeligi kweka-2020/21. Ngesizini edlule igcine isonge endaweni yesithathu ngamaphuzu awu-69. Izinto zimhambela kahle uDavids selokhu efikile. Kunabalandeli beSimba asebeqalile ukuthi uzozibuyisa izinsuku zenjabulo. Ezakhe sezinqobe imidlalo emine kulandelana. Kweyishumi sezinqobe eyisishiyagalombili, zadlala ngokulingana zaphinde zadliwa kowodwa.
Zilele endaweni yesibili ngamaphuzu awu-25. Kuqhwakele iSingida Black Stars ngawu-26. IYanga ikweyesine ngawu-21. UDavids utshele Isolezwe ukuthi kusesekuseni ukuthi kungathiwa uzobuyisa izinsuku zenjabulo kwiSimba.
"Iyangijabulisa indlela esibambisene ngayo nabadlali bami nabaphathi beqembu. Nakuba ngijabule ngemiphumela yakamuva kodwa kuningi okusamele sikulungise. Empeleni sisakha. Simatasa nokuthungatha unyazi lomgadli ozolekelelana nalaba abakhona. Zikhona nezinye izindawo esizoziqinisa. Uma iqembu lami seliqine ngendlela engiyifunayo mhlawumbe sengingakhuluma ngamathuba okunqoba isicoco seligi nokubuyisa udumo lweSimba. Kusasele imidlalo ewu-20," kubeka uDavids.
Selokhu efikile ukwazile ukufaka iSimba esigabeni samaqoqo seConfederations Cup. Ku-Group A baqhathwe iCS Sfaxien yaseTunisia, CS Constantine yase-Algeria neBravos do Miquis yase-Angola abazoqala nayo ngoNovemba 27. UDavids ukhale ngokuba nzima kweqoqo ababoshelwe kulo.
"Nakuba kuzoba nzima kodwa sizimisele ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano. Yingakho ngikhuluma ngokuqinisa isikwati sethu. Kungabajabulisa kakhulu abalandeli bethu ukunqoba lo mqhudelwano," kuqhuba lo mqeqeshi owake wadlala waphinde wacija iMaritzburg United.