UKUHLONIPHANA nokubambisana nenhloko yabaqeqeshi uJozef Zinnbauer yikhona okwenze bakwazi ukunqoba isicoco seligi eMorocco neRaja Casablanca ngokusho kwephini lakhe, uFadlu Davids.
IRaja inqobe isicoco seBotola Pro League ngoLwesihlanu ngokuxebula i-MC Oujda ngo 3-0. Lo mphumela uqinisekise ukuthi leli qembu liqeda isizini ngamaphuzu angu-72, lashiya izimbangi i-AS FAR Rabat ngephuzu.
Leli qembu liphinde laqopha umlando ngokuqeda isizini lingasazi isibhaxu kwazise linqobe imidlalo engu-21 ladlala ngokulingana kweyisishiyagalolunye.
UZinnbauer noDavids bake bayibamba ndawonye kwi-Orlando Pirates naseqenjini laseRussia iLokomotiv Moscow ngaphambi ngokuhlangana futhi kwiRaja ekuqaleni kwesizini ka-2023/24.
“Ubudlelwano buhle. Wubudlelwano obugxile kakhulu emsebenzini, obusekelwe yinhlonipho. Uyangihlonipha njengomqeqeshi nomuntu owake walidlala ibhola,” kusho uDavids ephawula kwiRadio 2000.
“Uyazi ukuthi wangifica kwiPirates senginaso isipiliyoni sokuba wumqeqeshi. Siyakwazi ukubonisana, ikakhulukazi ngamaqhinga ebhola, nokuyinto ebaluleke kakhulu. Kufanele uma nibambisene ningcine niphume nezwi elilodwa, nibheke endaweni eyodwa. Kusahamba kahle okwamanje.”
Ethimbeni labaqeqeshi kwiRaja bekukhona abanye ababili bakuleli, uDarian Wilken, obeyiphini lesibili lomqeqeshi, noMueez Kajee, ongumhlaziyi.
Bobabili bafike kwiRaja behambisana noDavids, kwazise besekunesikhathi ebambisene nabo emaqenjini ehlukene.
“UDarian ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Sike sasebenza naye kwiPirates nakwiMaritzburg United. UMueez Kajee ngasebenza naye kwiBloemfonntein Celtic nakwiMaritzburg. Kwaba lula uma sithola ucingo oluvela kuZinnbauer, ngamtshela ukuthi bobabili bami ngomumo, safika kwiRaja saqhubeka lapho sigcine khona,” uqhube kanje uDavids.
“Okwamanje sisalelwe wunyaka ezinkontilekeni zethu. Okumqoka wukuthi sizibekisele indawo kwiChampions League futhi sizodlala kowandulela owamanqamu emqhudelwaneni womkhulujezi wasekhaya.”
UZinnbauer noFadlu badla isicoco seligi eMorocco nje sekuneminyaka iqembu labo lakudala, i-Orlando Pirates, lagcina ukusithatha eNingizimu Afrika. Ezimnyama zagcina ukuba ngompetha beligi ngesizini ka-2011/12.
UDavids uthe ziningi izizathu ezenza bahluleke ukwenza abakwenze kwiRaja ngesikhathi bekuleli qembu lase-Orlando, kodwa ubona lithatha amagxathu amahle.
“Kwakuyisikhathi esinzima ngenxa ye-Covid. Abalandeli bethu babengekho enkundleni kanti siyazi ukuthi iPirates idlala uhlobo lwebhola oluhambisana nemizwa,” uchaze kanje.
“Okunye okwasiphazamisa noZinnbauer kanye noMandla wukulimala kwabadlali. Sasisebenzisa uLorch (Thembinkosi) njengomgadli. Kule sizini ephelile iPirates iqale isizini igadla ngoZakhele Lepasa, yayiqeda ngoMabasa (Tshegofatsho).
“Thina salinyalelwa wuLorch, kwalimala noVincent Pule, kwaba nzima ukuthi sidlale ibhola esasifisa ukulidlala.
“Kodwa ngiyayihalalisela iPirates ngoba ayifikanga lapho ikhona manje ngenhlanhla. Kungenxa yokuzikhandla kweminyaka nokuhlanganisa imiqondo ehlukene. Iqembu selifike ezingeni lokuthi ligcine libanga izicoco zomkhumulajezi neseligi,” uphethe kanje.