USihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, uveza ukuthi kade ayixolisa inhliziyo yakhe ngakubiza ngokushaywa ngesithende kwabadlali beqembu lakhe kwiBafana Bafana.
Lesi sikhulu besiphawula kuleli phephandaba ngokushiywa ngaphandle komgadli waso, uKhanyisa Mayo esikwatini esise-Ivory Coast, kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqale ngempelasonto edlule.
Lo mgadli ubengomunye wabadlali abawu-50 abebemenyezelwe umqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, eqenjini lesikhashana ngasekupheleni konyaka odlule. Kuthe esekhipha elokugcina labawu-23 wamshiya ngaphandle.
UBroos uqome ukuhamba no-Evidance Mokgopa noZakhele Lepasa be-Orlando Pirates, Mihlali Mayambela, Percy Tua, Thapelo Maseko no-Oswin Appollis.
Umdlalo wokuqala weBafana ukusasa, ngo-10 ebusuku neMali. Akuyena yedwa uComitis ozwakalise ukungahambisani nokushiywa ngaphandle kwalo mgadli, nasezinkundleni zokuxhumana kube nokukhulu ukuhlukana kwemibono. Ngababodwa abathe ngenxa yomgqigqo omuhle akuwona kwiDStv Premiership ubezoba wusizo e-Ivory Coast.
Abanye bebethi vele kuhambe abadlali abangaphezulu ngezinga lokudlala kuMayo. Emidlalweni ewu-14 yeligi, useshaye amagoli ayisikhombisa wase ekhanda elilodwa. Esicongweni kwabashaye amagoli amaningi, uMayo uqhwakele noLucas Ribeiro Costa weMamelodi Sundowns. UComitis uthe empeleni akummangazanga ukushiywa ngaphandle kukaMayo. Uthe sekuphele isikhathi eside beshaywa ngesithende abadlali beqembu lakhe nakuba benza kahle.
"Angifuni ukuphatha amagama abantu kodwa kunabadlali abahambile engikholelwa ekutheni uMayo ubengenza kangcono kunabo. Wonke umuntu uyazibonela ukuthi wenza kahle, ubufakazi bucace bha," kubeka uComitis.
Uqhube wathi: "Kunesikhathi lapho abadlali abafana noThabo Nodada, Bradley Ralani, Terrence Mashego nabanye abebenza kahle kodwa bashiywe ngaphandle eqenjini lesizwe. Yingakho ngithi akusathi ndiki kimi ngokuqhubeka kwalo mkhuba. Abadlali bami bazoqhubeka nokuzimisela. Okuhlekisayo ukuthi abadlali beCape Town City bathi bangahamba, bajoyine amanye amaqembu, bese beqala babizelwe eqenjini lesizwe.
“Nakuba kunjalo kodwa ngilifisela inhlanhla iqembu lethu lesizwe. Vele kuyohlala kunokuqophisana ngabadlali abakhethwayo". AmaCitizens osonge unyaka esendaweni yesibili, ngamaphuzu awu-29, emidlalweni ewu-16. Kowokugcina ashaye omkhaya bawo, iCape Town Spurs, ngo 2-0. Azoze abuyele ensimini ngoFebruwari 13, esebhekene neMoroka Swallows, e-Athlone Stadium.