ASIKAPHOLI namanje kuJohn Comitis ongusihlalo weCape Town City, isilonda sokukhishwa kwiMTN8.
UComitis uveze nokuthi akumphathanga kahle ukungayi kweqembu lakhe emiqhudelwaneni yeCaf. Lokhu kudalwe ukuthi ngesizini edlule ezakhe ziqede endaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-45.
Kwi-quarterfinal yeMTN8 kule sizini zishaye iSekhukhune United ngo-1-0.
Izinto ziqale ukubhimba emidlalweni eyandulela eyamanqamu. Emlenzeni wokuqala amaCitizens abambane ngo-1-1 ne-Orlando Pirate, kowesibili aguqa ngo-2-0.
Emdlalweni wokuqala we-Betway Premiership, abambane ngo-1-1 neRoyal AM. Kowesibili kubhede kakhulu, ebhaxatshulwa ngo-3-0 ngomkhaya bawo, iStellenbosch.
Izindaba ezinhle ukuthi ngempelasonto edlule iCity inqobe owokuqala weligi ishaya iSuperSport United ngo-1-0 wegoli likaPrins Tjiueza waseNamibia.
Uyena futhi owayebhakuzise inethi ngesikhathi bebambana neRoyal AM ngo-1-1.
ICity isayinqobe kanye inkomishi yeMTN8.
Yayinqoba ngoSepthemba wango-2018, ishaya yona iSuperSport United kumaphenathi, eMoses Mabhida Stadium.
Ngo-2017, yaphuma kowamanqamu ishaywa iwona Amatsatsantsa a Pitori. Ngo-2021, yaphuma esigabeni esifanayo ixetshulwa iMamelodi Sundowns.
"Okungiphatha kabuhlungu ukuthi besinalo lonke ithuba lokufinyelela kowamanqamu eMTN8. Emdlalweni wePirates siyeke inqwaba yamathuba. Ukufinyelela kowamanqamu bekuzoba into enkulu kuthina. Sekuphele isikhathi eside sagcina ukuphakamisa inkomishi. Akusenani, kusasele inkomishi yeCarling Blanck Label Knockout neyeNedbank Cup. Kuzomele silwe, kulokhu siyayidinga inkomishi," kubeka uComitis.
Uphinde waveza ukungaphatheki kahle ngendlela abaqale ngayo i-Betway Premiership.
"Akungiphathi kahle lokhu kulahla amaphuzu emidlalweni yokuqala. Nangesizini edlule sibulawe ukuyeka ukunqoba emidlalweni ebilula. Ngithemba ukuthi ukunqoba kwiSuperSport kuzovula inhlanhla yokunqoba neminye imidlalo. Ngiyaphinda ngiyagcizelela, kulokhu kumele siyithole noma inkomishi eyodwa. Ngisizini ezayo kumele siye emidlalweni yase-Afrika."
Kweyeligi iCity izoze idlale ngo-Okthoba 27 neMagesi, e-Athlone Stadium.