UBONGA ikhefu leFifa, uJohn Comitis ongusihlalo weCape Town City, esiphenduke ukudla kompetshisi kamuva.
Selokhu kubuye imidlalo yeDStv Premiership kulo nyaka, iCity ayikanqobi nowodwa umdlalo.
Lokhu sekwenze yehla endaweni yesibili kwi-log eke yahlala kuyona.
Leli qembu eliqeqeshwa u-Eric Tinkler, lagcina ukunqoba ngoDisemba 31, iliguqisa omkhaya balo iCape Town Spurs ngo 2-0.
Lo nyaka uwuvule ngokubambana neChippa United. Ngemuva kwalokho, ibe seyiwashiswa ijezi yiSuperSport United kwiLast 32 Nedbank Cup.
Kolandelile ihlulwe ngomkhaya bayo, iStellenbosch kwathi kwegcine ukuwudlala yabhaxabulwa iRoyal AM ngo-2-0 wamagoli kaSedwyn George noSabelo Sithole.
Isimo sakamuva sesidale ukuthi yehle ize ifike endaweni yasihlanu. Inamaphuzu awu-31, emidlalweni ewu-20. Isingenelwe amagoli awu-16, yashaya awu-20.
Akakufihlanga uComitis ukuphatheka kabi ngalesi simo esenzeka eqenjini lakhe.
"Sizenzele thina phansi kule midlalo esidliwe kuyo. Besingekho isidingo sokuhlulwa. Asingiphethe kahle neze lesi simo esenzekayo, kuzomele abadlali babhukule. Kule sizini bekuyisifiso sami ukunqoba noma inkomishi eyodwa. Lokhu kubukeka kungeke kusenzeka. Sesiphume nakwiNedbank Cup," kubeka uComitis.
Uqhube wathi: "Kuhle ngoba sizothola isikhathi esanele sokulungisa lapho kuxega khona. Leli khefu lifike ngesikhathi esifanele. Angijiki, isifiso sami ukuthi sidlale emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo. Asekhona amathuba okuthi siqede endaweni efanele. Kule midlalo eyishumi esisalele kuzomele sisebenze ngokuzimisela uma sifuna ukufeza leli phupho.“
AmaCitizens azoze adlale ngoMashi 30 neKaizer Chiefs, e-Athlone Stadium. Nawo AmaKhosi awasekho kwiNedbank edlalwa kule sonto nangempelasonto ngemuva kokukhishwa yiMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship. Ngemuva kwemidlalo yeNedbank Cup, kuzobe sekuqala ikhefu leFifa lemidlalo yamazwe. ICity ukuze idlale kweyeCaf kumele iqede endaweni yesibili kwi-log ezoyifaka kwiChampions League. Indawo yesithathu izoyinika igunya lokudlala kwiConfederation Cup ngesizini ezayo.