ABADLALI beKaizer Chiefs baphila ngokudliwa unembeza nsuku zonke ngenxa yemiphumela emibi leli qembu laseNaturena elilokhu liqhubeke njalo nokuyiqoqa emidlalweni yeDStv Premiership kusukela kuqale unyaka omusha.
Lokhu kuvele enkulumeni umgadli weChiefs, uRanga Chivaviro, abe nayo nethimba laMakhosi labezindaba ngaphambi kokubhekana neRichards Bay FC koweligi kusasa ngo-3 ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
NgokukaChivaviro (31), okubadla kakhulu ukuthi udaka abalushaya enkundleni selubaphendule inhlekisa abalandeli baMakhosi abasebenzisa imali abayithole kanzima ukuzobabuka ezinkundleni.
IChiefs ayinawo uphawini wokulahla amaphuzu koweBay kwazise isuka endukwini yeStellenbosch FC (1-0) neChippa United (2-0) kulandelana. Komunye umdlalo abasanda kuwudlala weligi bathole iphuzu bebambana neCape Town City ngo 0-0, babekade beshaywe yi-Orlando Pirates ngo 3-2. IChiefs yagcina ukunqoba ngoMashi 5 ihlula iLamontville Golden Arrows ngo 1-0.
Isibhaxu kulo mdlalo weBay singayikhahlelela ngaphandle kwe-Top 8 iChiefs kodwa uChivaviro, osayishayele amagoli amabili kule sizini emidlalweni engu-18 yayo yonke imiqhudelwano, usabheke ukuqeda endaweni yesibili noma yesithathu.
IChiefs enamaphuzu angu-30 iya kulo mdlalo ingayazi inethi kwemithathu edlule okungenye yengcindezi kuChivaviro.
“Zimuncu ngezindlela eziningi izinsuku esisuka kuzona njengeqembu kodwa isikhathi esisithole njengoba bekuqhubeka iNedbank Cup sisisebenzise ngendlela ukuqinisekisa ukuthi sifika eThekwini sicije macala onke,” kusho uChivaviro.
“Konke okwenzekile sesikudlulisile ngenhloso yokugxila ngokugcwele ekuqoqeni amaphuzu amathathu ekuhambeni kwiBay.
“Isimo iBay ekusona siyafana nesethu ngakho-ke akukho lapho sizoyibukela khona phansi. Simelwe ukugcina isethembiso esisenze kithina sokuqeda isizini endaweni ezosifaka emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo.
“Asikwazi ukucasha ngesithupha koweBay ngoba sibe nesikhathi esanele enkundleni ukuba silungise wonke amaphutha esiwenzile kusukela kuqala unyaka,” kuqhuba lo mgadli.
UChivaviro uphumele obala ngemihlangano yabo bengabadlali lapho besuke bebhunga khona ngokuthi sebebaphoxe kangakanani abalandeli.
“Sonke siphila ngokudliwa unembeza ngokuba nesandla ekutheni abalandeli bethu baphenduke inhlekisa ngenxa yemiphumela emibi, ikakhulukazi kusukela kuqale unyaka.
“Awukho umhlangano lapho lungangeni khona udaba lokuthi sesibaphoxe kangakanani abalandeli abasebenzisa imali yabo nemindeni yabo ukuzobuka thina.
“Siyabakweleta abalandeli beChiefs futhi lokhu akuyona into okufanele kuphikiswane ngayo. Siyazicelela ukuba bangadikibali futhi siyabethembisa ukuthi sizoziguqula izinto.
“Sibadinga kakhulu manje ngoba kunzima. Ngiyakholelwa nokho ekutheni uma singaqoqa amaphuzu amathathu eThekwini, umfutho uzokhuphuka siyisonge ngamandla isizini,” kuphetha uChivaviro.
IBay abazodlala nayo yona ilwela amaphuzu agcwele ukuze isuke kunombolo-15 kwi-log, okuyindawo eyiqhatha nezembe.
Umqeqeshi weBay, uVusumuzi Vilakazi, uthe kusemqoka ukuthi abasenawo uphawini wokulahla amaphuzu.
“Sibe namasonto amabili ukulungisa izindawo ezithile emdlalweni wethu, ukuba nozinzo endleleni esivala ngayo emuva nasekuhlaseleni. Kumele siqine emuva bese sikwazi ukwakha amathuba amaningi aphenduka amagoli.
“Ngeke kube umdlalo omuhle njengoba bebuya endukwini, bazolwela ukunyusa umdlalo wabo ukuze bazigeze. Kuzoba yimpi kuwona womabili amaqembu. Uma ubheka isimo sethu njengamanje, asikwazi ukudlala ngokulingana noma sihlulwe. Uma sifuna ukusinda kumele sizame ngakho konke ukuthola amaphuzu amathathu kwiChiefs. Abafana bawulungele umdlalo,” kusho uVilakazi ethimbeni labezindaba leBay.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-3pm: Golden Arrows v Royal AM (Mpumalanga Stadium).
Ngo-5pm: Sekhukhune United v Cape Town Spurs (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: Orlando Pirates v AmaZulu (Orlando Stadium).
Ngo-8pm: SuperSport United v Chippa United (Lucas Moripe Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Richards Bay v Kaizer Chiefs (King Zwelithini Stadium); Polokwane City v Cape Town City (Old Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: TS Galaxy v Stellenbosch (Mbombela Stadium).