NAKUBA iSouth African Football Association (Safa) ikuphika ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uke wasikaza ukushiya lesi sikhundla kodwa isithangami nabezindaba sanamuhla singase sisidwebe sicace isithombe ngekusasa lalo mqeqeshi waseBelgium.
UBroos (71) unesithangami nabezindaba namuhla ngoMsombuluko ngo-12 emini ezindlini zokusakaza zakwaSABC, e-Auckland Park, eGoli, lapho ezomemezela khona isikwati sabangu-23 azobhekana ngabo ne-Andorra ne-Algeria kweyobungani, ebizwa ngeFifa Series International Frindlies.
Lolu wuhlelo olusha lwenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni (iFifa), kuhloswe ngalo ukunikezwa amazwe aqhamuka kuwona wonke amazwekazi ukuthola imidlalo yobungani esezingeni elingcono.
IBafana izoqala ne-Andorra ngoMashi 21 (e-Algeria) bese ivala ngayo i-Algeria zingu-26 kwephezulu eNelson Mandela Stadium, e-Algiers.
Nakuba kunabadlali okuphinde kwanemvunge ngokusala kwabo ngaphandle kwiBafana kaBroos, njengoKhanyisa Mayo, oseshayele iCape Town City amagoli ayisishiyagalolunye eligi kule sizini kodwa okulindeleke ukuba kube seqhulwini ikusasa lalo mqeqeshi kwiBafana.
Ngesikhathi kuqhubeka i-Africa Cup of Nations (Afcon) osekungumlando ukuthi iBafana iqede endaweni yesithathu kuyona, uBroos ubelokhu ekusikaza kwabezindaba baseBelgium ukuthi iminyaka yakhe ikhomba ukuthi usengawuthatha umhlaphansi.
Kubona lobo bumnyama kusabalale amahlebezi aveza ukuthi uBroos umfunwa uthuli i-Algeria ukuba azovala isikhala, sikaDjamel Belmadi, oxoshwe kulandela ukuphuma ekuseni kompetha be-Afcon bango-2019, kulo mqhudelwano obuse-Ivory Coast.
Kuze kwavela nokuthi uBroos uyitshelile iSafa ukuthi usecabanga ukushiya kulo msebenzi ngenxa yezingqinamba abhekane nazo kusukela ewuthatha nanokuzitshwa yiPremier Soccer League (PSL) uma enezinhlelo acabanga ukuthi zingalisiza leli qembu lesizwe.
Ukuphikile-ke lokhu uDanny Jordaan muva nje, ngesikhahti ekhuluma nabezindaba ngokwezinkinga ezimzungezile kulezi zinsuku.
“Kungamanga aluhlaza ukuthi uBroos uke wasikaza ukushiya kumbe uzowulaxaza lo msebenzi,” kusho uJordaan kwi-IOL muva nje, ezeseka ngokuthi vele kunabathile abangeneme njengoba iSafa neBafana benza kahle muva nje.
Lokhu kulandelwe isitatimende seSafa ebesiqinisekisa ukuthi uBroos uyibheke ngabomvu le midlalo yobungani ngenhloso yokucija isikwati sakhe esinemidlalo emqoka kulo nyaka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
UBroos udumile ngokungafihli, ingakho lesi sithangami nabezindaba simqoka kwazise ngeke aliyeke ithuba lokucacisa ngamahlebezi ngekusasa lakhe uma abezindaba bembuza ngakho.
Ekupheleni kwesonto eledlule, uBroos umemezele sabadlali abangu-32 okuyibona azokhetha labo abangu-26 azoya nabo e-Algeria.