AKAKUNGABAZI ukuthi iSouth African Football Association (Safa) izomfaka amasondo umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uma ehlulekile ukufaka iqembu iqembu kweyomkhumulajezi ye-Africa Cup of Nations (Afcon) abayiqale izolo neMali eKorhogo, e-Ivory Coast.
Ngaphandle kweMali, u-Group E okuboshelwe kuwona iBafana, kukhona ompetha bango-2004, iTunisia nomakhelwane iNamibia.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukuveze lokhu ezinkulumweni ezahlukene azenze nemikhakha eyahlukene yabezindaba yasezweni adabuka kulona.
UBroos oneminyaka engu-71 okumenza abe ngomdala kunabo bonke emqhudelwaneni, ukuneke konke athi kwenzeka phakathi kwePremier Soccer League (PSL) neSafa, okuyinto ayichaze njengemkhubazayo.
Kuzona lezi zinkulumo kuvele okugadla kwakhe nakumqeqeshi weMamelodi Sundowms, uRhulani Mokwena, amchaze njengozibona enguNkulunkulu webhola laseNingizimu Afrika.
“Okufanele nikwazi wukuthi iSafa ne-PSL baphethwe yizikhulu ezingabhekani, ngakho-ke ngikhala ngokuthi abaqeqeshi bayangiziba nje. Incwadi engangiyibhale ngasekuqaleni konyaka ofile ayikaze ithunyelwe lapho kwakufanele iye khona,” kusho uBroos kwi-MTNFC.
“Ungakholwa kanjani wukuthi umqeqeshi weqembu lesizwe ujikiswe esefikile enkundleni (ezobuka ibhola) ngoba kukhona abathile abebengatshelwanga ukuthi uyeza?
“Kukhona nomqeqeshi weSundowns (Rulani Mokwena) ozibona njengoMourinho (Jose) waseMzansi. Usedle inqwaba yezicoco. Manje uziphathisa okomdali wezulu nomhlaba. Ukhukhunyezwa nawukuthi yonke into ayishoyo iyalalelwa.
“Ubukise ngami engigxeka esidlangaleni ngoba abadlali bakhe bebuye eqenjini lesizwe belimele.
“Kungithusile ukukhuluma ngale ndlela komqeqeshi, ekubeni inkinga yeSundowns isobala ngokulimala kwabadlali.
“ISundowns ilinyalelwa ngabadlali njalo ngoba idlala yonke imiqhudelwano ngesikhathi esisodwa, okuyinto ebalimazayo abadlali,” kusho umqeqeshi.
UBroos ozama ukuphinda adle isicoco se-Afcom emva kokusinqoba kwakhe neCameroon ngo-2017, uveze ukuthi akangabazi ukuthi iSafa izomxosha uma ehluleka ukudlulisa iBafana kweyamaqoqo.
“Ngiyazi ukuthi uma kungase kungahambi kahle e-Ivory Coast, ngizokhonjwa indlela. Anginankinga kodwa noma ngabe kwenzekani ngoba sengimdala vele futhi senginendlela yokubhekana nokugxekwa,” kusho uBroos kwiHet Laatste Nieuwsm okuyiphephandaba laseBelgium lesiDutch.
“Kuliqiniso ukuthi sengiyela ngasemaphethelweni omsebenzi wami ngokweminyaka, ngakho-ke noma yini ezokwenzeka ngeke ngibe nandaba kangako.
“Angisajimisi nakakhulu kepha lowo msebenzi sewenziwa ngabanye. Okwami sekuyikhona ukuhlela nokubhekana nabezindaba, okwenza ngingaphiki uma ngibuzwa ukuthi ngabe umsebenzi weBafana ngowokugcina yini empilweni yami,” kuphetha uBroos.
UBroos ukhuluma kanjena nje, ngemuva kwe-Afcon kuzoqhubeka imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026. IBafana iqale le midlalo yokuhlunga ngoNovemba ngokushaya iBenin ngo 2-1, yahlulwa yiRwanda ngo 2-0.
Imidlalo ye-Afcon namuhla:
Ngo-7pm: Morocco v Tanzania
Ngo-10pm: DR Congo v Zambia