Uwubhekise kwiPremier Soccer League (PSL) umunwe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kulandela ukulimala komdlali wasemuva waleli qembu, uMothombi Mvala.
UMvala ulimala nje, iBafana iqedela amalungiselo ayo ngaphambi kokubhekisa amabambo (namuhla), e-Ivory Coast lapho kuzoba khona, i-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBafana idlale neLesotho kowobungani izolo, izovula umqhudelwano neMali ngoJanuwari 16, emdlalweni ka-Group E ngo-10 ebusuku e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo.
Amanye amaqembu aseqoqweni, iTunisia neNamibia.
UBroos ubengaqali ukubhodlela kwiPSL kwazise usanda kuyibeka amabala emasontweni edlule, eyisola ngokuziba isicelo sakhe sokuthi imidlalo yeligi isongwe ngoDisemba 24 kodwa yaqhubeka imidlalo yeDStv Premiership yaze yaphela ngoDisemba 31. Lo mqeqeshi odabuka eBelgium, ubekhala ngokuthi lokhu kuphazamise izinhlelo zakhe zokulungiselela i-Afcon njengoba abadlali bengeke besaba nesikhathi esikahle sokuphumula njengoba bekumele baqale ikhempu ngoJanuwari 4.
Njengoba bekuqhubeka ikhempu kuvele ukuthi unenkinga yenyonga uMvala odlalea iMamelodi Sundowns. Bekuthiwe kuzocacisa ukuhlolwa ngodokotela ukuthi ngabe uzogcine ekwazile ukudlala kwi-Afcon.
“Konke kulele ekutheni odokotela bazobuya kithina nayiphi impendulo ngoMvala kodwa abanye abakhombisa izimpawu zokuba buthaka, akuzona izimo esingaze sikhathazeke ngazo,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba eGoli ngoLwesibili ntambama.
“Kuzokuya ngokuthi odokotela bathi singaze sikwazi ukumsebenzisa nini. Uma sibona ukuthi ziningi izinsuku okuzofanele azihlale, angiboni kuwumqondo ophusile ukuhamba naye kwi-Afcon,” kuqhuba uBroos.
Kulapho uBroos egadle khona kwi-PSL ngokumgolozela singekho isidingo eyicela ukuthi inike abadlali ithuba lokuphumula, ikakhulukazi abeMamelodi Sundowns abebengaphumuli ngenxa yobuningi bemiqhudelwano abebeyidlala. Bangu-10 abadlali beSundowns esikwatini sikaBroos uma kubalwa noMvala.
“Engingakusho ngingasabi ukuthi iningi labadlali elikhona ekhempini yeBafana alizange liphumule ngokwanele. Siyakubona lokhu futhi kusobala.
“Ngangivele nginovalo lokuthi kuzokwenzeka lokhu ingakho ngangicele i-PSL ngasekuqaleni konyaka ukuthi imidlalo yokugcina (ka-2023) ibe ngoDisemba 24 kodwa bangibukisa okohlanya,” kuqhuba uBroos kulesi sithangami.
“Kuyinhlanhla yethu ukuthi umonakalo awumkhulu kumbe ababaningi abadlali abasenkingeni enkulu njengoMvala kodwa kukona konke esikukalayo ejimini, izibalo zikhomba ukuthi abadlali abekho esimweni ebesingathanda ukuthi kushaye lesi sikhathi bekusona.
“Yebo, ngineme ngendlela abenza ngayo uma beziqeqesha kodwa nakhona kufanele siqaphe ngeso lokhozi ukuthi asibanwebi kahulu.
“I-PSL ngeke ikwazi ukuzibala njengabantu abaseka iBafana ngoba bayizibe izinyanga eziyisishiyagalombili, icelela abadlali ithuba lokuphumula abebelidinga ngaphambi komqhudelwano,” kuphetha uBroos.