KUNGENZEKA ukuthi inkulumo yomqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, ilahlise ngethemba kwabanye abadlali ngokuba ingxenye yesikwati seBafana Bafana esiya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
Sekujwayelekile ukuthi uma uBroos ememezela isikwati kube nesikhalo noma imibuzo ngabanye abadlali abashiya ngaphandle.
IBafana izodudulna neMorocco kowokusonga u-Group K wemidlalo yokuhlungela i-Afcon engonyaka ozayo, e-Ivory Coast.
IMorocco egile izimanga koweNdebe yoMhlaba, eQatar, ngonyaka odlule neBafana, bazobhekana ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, e-FNB Stadium, eGoli nje, sebevele bazibekisele indawo kwi-Afcon.
Inkulumo kaBroos nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), isidwebe isithombe sokuthi lo mqeqeshi usenaso emqondweni isikwati azogadla ngaso kulo mqhudelwano kulabo ababizile ekhempini esePitoli.
“Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi lesi sikwati enginaso siyikona konke lokhu ebengizama ukukubumba eminyakeni emibili edlule,” kusho uBroos.
“Abadlali bami sebeyazana ukusuka nokuhlala ngaphandle nangaphakathi kwenkundla okufakazelwa nayindlela esesiziqeqesha ngayo.”
Kunabadlali namanje uBroos asaphendula ngabo ngokuthi basale kanjani esikwatini asibizile.
UKobamelo Kodisang ngomunye umdlali ongekho eqenjini likaBroos. Uyawaqhulula amagoli eqenjini lakhe lasePortugal iMoreirense. UKhanyiso Mayo weCape Town City uhambe phambili kubagadli bakuleli ngokushaya amagoli kwiDStv Premiership kanti noFagrie Lakay kwiPyramids FC ungomunye wezithenjwa zaleli qembu lase-Egypt. Bonke laba bahlulekile ukuthatha iso likaBroos ngokwanele ukuthi angabanika ithuba emdlalweni weMorocco.
UKodisang noLakay kubukeka bemiswe kabi uMihlali Mayambela, Zakhele Lepasa noPercy Tau. Ngokusho kukaBroos laba ibona abasamnika lokhu akufunayo ngaso sonke isikhathi futhi naye useyabazi.
UKhuliso Mudau oyiDStv Premiership Defender of the Season umiswe kabi, uNyiko Mobbie noThapelo Morena.
“Kusukela ngifika bengizama ukuba nesikwati engaziyo ukuthi akukho lapho sishoda khona. Yize kungithathe isikhathi kodwa sesihlangene isikwati sami ukuthi sengingaya naso empini.
“Sikhule kakhulu uma uzoqhathanisa neminyaka edlule yize kusekhona lapho kusafanele siqinise khona amabhawodi. Ukuba nabadlali ababodwa kuyasiza ngoba uyabazI bonke ukuthi bahamba bagcinephi ngokufaka umfutho ngokwahlukana kwabo,” kuphetha uBroos.