IPHINI likakaputeni weBafana Bafana, uPercy Tau, yilona elithathe iphenathi ngoba kube nesivumelwano phakathi kwakhe, Aubrey Modiba noTebogo Mokoena, okuyisigungu esimelwe yilo msebenzi uma uqhamuka.
Lena yindlela umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, aphendule ngayo ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba nethimba leSouth African Football Association (Safa), ngoLwesibili eKorhogo, e-Ivory Coast.
IBafana ithole iphenathi esiwombeni sokuqala somdlalo ka-Group E we-Africa Cup of Nations (Afcon), uTau wayishaya phezu kwepali kade kubukeka sengathi izothathwa uMokoena.
Leli qembu lesizwe liyiqale kabi i-Afcon kulandela ukuguqiswa kwalo yiMali ngo 2-0 ngalo uLwesibili e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
Kudingeke ukuthi achaze uBroos emuva komdlalo ukuthi uTau umphuce ngaliphi uMokoena ibhola njengoba lo mdlali we-Al Ahly yase-Egypt egcine ngokuyeka ingqayizivele yethuba ebivelele iBafana.
“UModiba, Mokoena noTau yibona bobathathu okungumsebenzi wabo ukunquma ukuthi ubani ozothatha iphenathi uma ivela,” kusho uBroos.
“Akudingi ososayensi ukubona ukuthi laba badlali bobathathu banqume ndawonye ukuthi iphenathi ayithathwe ubani. Angingeni ekutheni ubani othatha amaphenathi ngoba laba badlali abathathu bakhona.
UBroos umvikelile uTau ngokugeja le phenathi obekumqoka ukuthi ayivalele enethini kodwa wakhetha ukwakha ngayo amabhilidi.
“Angiboni ukuthi sikhona isidingo sokugxeka uTau ngokuyithatha ngoba ukhombise ubuholi nokuzethemba futhi siyazi ukuthi kunzima kangakanani ukuthatha iphenathi. Ngeke sikuphike nokho ukuthi ukungangeni kwayo kuwushintshile umdlalo wethu.
“Akukho engikhala ngakho kubadlali bami ngoba banginike konke ebengikubheke kubona ikakhulukazi esiwombeni sokuqala,” kusho uBroos.
IBafana isizodlala nomakhelwane, iNamibia, ngeSonto ngo-10 ebusuku. Kumele inqobe ukuze izibeke ethubeni lokudlulela phambili kulo mqhudelwano. INamibia, eshaye iTunisia ngo 1-0, neMali banamaphuzu amathathu kuleli qoqo.