IBAFANA Bafana ngeke ibenalo ithuba lokucasha ngesithupha uma ihluleka ukunqoba komakhelwane bayo iNamibia emdlalweni ka-Group E we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngeSonto ngo-10 ebusuku, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo.
Lawa amazwi omqeqeshi wayo iBafana uHugo Broos, awasho kulandela ukuvula iqoqo ngesibhaxu sika 2-0 sivela kwiMali ngoLwesibili ebusuku, kule nkundla ese-Ivory Coast.
Nakuba lo mqeqeshi waseBelgium evuma ukuthi sekuzoba umthwalo ukudlulela kwi-Last 16 kulandela indlela abaqale ngayo u-Group E, uthe lokhu akusho ukuthi sekufanele baphonse ithawula ngoba isekhona eminye imidlalo emibili.
Phakathi kwale midlalo kukhona owangeSonto, nalabo makhelwane beNingizimu Afrika, osuphenduke wamqoka kulandela indlela iNamibia eqale ngayo iqumba phansi ngo 1-0 iTunisia ekleliswe endaweni yesithathu kuleli zwekazi.
Ukuqala ngebatha kweBafana egeje iphenathi ngonyawo, lukaPercy Tau, kuyibeka emsileni ku-Group E okwenza mdlalo namaBrave Warriors ube ngeminye yemqoka kuwona womabili la maqembu esizwe.
“Zizokwanda ngesivinini esimangalisayo izinkinga zethu uma singawunqobi umdlalo olandelayo neNamibia,” kuxwayisa uBroos kwi-video yesithangami nabezindaba emuva komdlalo ethunyelwe ithimba leSouth African Football Association (Safa).
“Asinawo ngisho uphawini wokudlala ngokulingana kwiNamibia ngenxa yomphumela esiwuthole kwiMali ngakho-ke simelwe ukunqoba, hhayi okunye.
“Ngizokufaka kugxile emakhanda abadlali ukuthi bangadikibali futhi bangayishintshi indlela abadlale ngayo kwiMali yize siphikwe umphumela.
“Uma singenza lokho bese sehlisa emaphutheni angenasidingo, angingabazi ukuthi singawuthola umphumela esiwudingayo kwiNamibia,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi ubalise nangokuntula kweNingizimu Afrika abadlali abakwazi ukusebenzisa izikhwepha njengenye yezimbangela zokushaywa iMali.
“Bakuqaphelile ukuthi siphaselana ngokushesha esiwombeni sokuqala base beqoma ukusebenzisa izikhwepha okuyilapho izinkinga zethu ziqale khona.
“Ngenxa yezikhwepha zeMali siqalile salahla amabhola singekho isidingo okulandelwe ukuthi singenelwe amagoli amabili asheshayo.
“Yize kungeke kusawenza umehluko ngoba umdlalo usuphelile kodwa ukube siyisebenzise ngendlela iphenathi esiyitholile, ngabe sikhuluma okunye,” kusho uBroos.
Emuva kokubhekana neNamibia ngeSonto, iBafana izosonga iqoqo neTunisia ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku, eKorhogo.