UZOBUYISA izethenjwa zakhe kwiBafana Bafana umqeqeshi wayo, uHugo Broos emdlalweni wanamuhla wobungani ne-Algeria kulandela ukuboza kwabebenikwe ithuba phambi kwamapali ibambana ne-Andorra engazelwa lutho ebholeni lomhlaba.
IBafana edlala eyobungani ehlelwe yiFifa, iqale ngebatha ngokusho kukaBroos kulandela ukubambana kwayo ne-Andorra ngo 1-1 ngeledlule.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukholelwa ekutheni iqembu lakhe bekumele linqobe ngembudlu yamagoli kwi-Andorra, uthembisa ukuthi kuzoshintsha okuningi esikimini azosibophela kowanamuhla nosokhaya ngo-11 ebusuku eStade Nelson Mandela.
Nakuba enelisekile ngendlela isikimu sakhe abesithake ngabadlali abasha nabangajwayele ukuqala imidlalo, esidlale ngayo ne-Andorra kodwa kumshiye engeneme ngokugcwele ukuthi iqembu lakhe alizange linqobe phezu kwenqwaba yamathuba eliwakhile.
UBroos usanda kubuyisa uthando lweBafana kwabathile abalandela unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ngokubuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) 2023 ebise-Ivory Coast ezinyangeni ezedlule.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) elise-Algeria neBafana, uzwakale njengomuntu ozokwenza izinguquko ezinqala esikimini.
“Nakuba umdlalo we-Andorra ugcine usunzima kodwa bekuyinhloso yami ukunika laba abangalijwayele ijezi ithuba emdlalweni odlule bese ngibophela ukhonkolo kowe-Algeria,” kusho uBroos.
“Njengoba sonke sazi-ke ukuthi i-Algeria ayifani ne-Andorra kufanele sisiqinise kakhulu isikimu uma sesibhekene nosokhaya.
“Akuwona umdlalo osinika ithuba lokuzama izinto owe-Algeria. Siwubona njengokahle wokulungiselela ukubhekana neNigeria uma sekuqhubeka eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni,” kusho uBroos.
Lo mdlalo nalezi zikhondlakhondla zase-Afrika ngeke ubelula kwiBafana ngenxa yezinguquko ezisanda kwenzeka kwi-Algeria kulandela udaka elushaye kwi-Afcon muva nje.
Labo mpetha base-Afrika bango-2019 baliwashe ekuseni ijezi kwi-Afcon okulandelwe ukuthi ligcwale umoya ibhantshi kumqeqeshi uDjamel Belmadi.
Indawo yalo mqeqeshi ithathwe, uVladimir Petkovic waseSwitzerland ofike kulo wazwakala.
Indlela ama-Carthage Eagles anqobe ngayo kwiBolivia ngo 3-2 kowobungani ngeledlule kwenza abalandeli baleli qembu lesizwe balindele lukhulu kubadlali babo okugqame kubona, uYassine Brahimi njengoba engekho kulesi sikwati uReyaad Mahrez, wodumo kwiManchester City.