USESIBHEKE engxoxweni azoba nayo nosihlalo wePremier Soccer League (PSL) isisombululo ngokusebenzisana kahle, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
UBroos (71) uthe uzokubeka ezandleni zikasihlalo wePSL, u-Irvin Khoza ukuthi le nhlangano ingaba usizo kanjani kuleli qembu lesizwe elikhombisa izimpawu zokuba nogazi kubathandi bakanobhutshuzwayo baseNingiizmu Afrika.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukusho lokhu izolo emini ngesikhathi ethula iqembu lakhe labangu-23 azobgadla ngalo kwi-Andorra ne-Algeria kweyobungani ngasekupheleni kwephezulu kwelase-Algeria.
Emuva kokubeka iBafana endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwe ngenyanga edlule e-Ivory Coast, uBroos uke wasikaza ukulishiya leli qembu.
Lo mqeqeshi uvumile ukuthi uyakucabanga ukuthatha umhlalaphansi okuyinto okufanele ilindeleke ngenxa yeminyaka yakhe kodwa usazimisele ngokuhlala eNingizimu Afrika.
“Ngiyikhulumile indaba yami ngalo msebenzi nomengameli weSafa (Danny Jordaan) ngesikhathi kuqhubeka i-Afcon lapho ngimtshele khona ngezingqinamba engibhekene nazo,” kusho uBroos.
“Okokuqala bekuyindaba yomndeni wami. Ngiyahluleka kwesinye isikhathi ukunethezeka kuleli ngoba umndeni wami ngiwubona kabili ngonyaka.
“Okunye ebenginenkinga nakho ukungasekwa ngendlela ebengibona sengathi kufanele ngesekwe ngayo ikakhulukazi kwiligi.
“Sesixoxile noDanny, wazizwa izinkinga zami okulandelwe ukuthi sivumelane ngokuthi ngizongena endizeni ngiye eBelgium noma nini uma ngizwa sengathi ngikhumbule ekhaya.
“Kuningi engikuthandayo ngeNingizimu Afrika futhi ngijabule ngalokhu okusha engikuqalayo futhi ingakho ngihlale phansi noJordaan.
“Akhona amazwe angishelayo kodwa angiyi ndawo inqobo nje uma konke lokhu engikhala ngakho kuzofezeka,” kuthembisa uBroos.
Lo mqeqeshi uqinisekise umhlangano wakhe noKhoza athe uzoba maduze nokuyiwona acabanga ukuthi uzocacisa okuningi.
“Kuningi okungahambi kahle phakathi kwami nePSL kodwa uma konke kuhamba ngokohlelo leli sonto lizophela sesihlanganile noKhoza ukubhunga ngokuthi ingalungiswa kanjani le nkinga.
“Ngizokubeka etafuleni konke enginenkinga nakho bese sibona ukuthi yena (uKhoza) ikuphi lapho engangenela khona ngoba akusizi ukuthi ngijabule ekubeni ngingenabo ubudlelwano nePSL.
“Akuzona izimfuno ezinkulu futhi ezinzima kodwa okumqoka ukuqonda ukuthi iligi ingenza kangcono kanjani ekufakeni isandla kwiBafana,” kusho uBroos.
Bangu-10 abadlali abebekwi-Afcon abangekho kulesi sikwati kodwa abaningi babo basale ngenxa yokulimala.
UBroos uthe isizathu sokuhamba nesikwati asiqokile ukuthi le midlalo yobungani iyona kuphela ezobakhona eminyakeni emibili ezayo.
Sesisonke isikwati seBafana Bafana simi kanje:
Onozinti: Ronwen Williams (ukaputeni), Bruce Bvuma noRicardo Goss.
Izitobha: Nyiko Mobbi, Thapelo Morena, Terrence Mashego, Aubrey Modiba, Nkosinathi Sibisi, Grant Kekana, Thapelo Xoki noSiyabonga Ngezana.
Abasesiwini: Tebogo Mokwena, Siphelelo Sithole, Goodman Mosele noGrant Margerman.
Abagadli: Themba Zwane, Oswin Apollis, Patrick Maswanganyi, Mihlali Mayambela, Mlondi Mbanjwa, Khanyisa Mayo, Elias Mokwana no-Iqraam Ryners.