UKUGQAMA phezu kokuba iKaizer Chiefs ishaya udaka yikhona okuphendlele uNjabulo Blom indawo esikwatini seBafana Bafana.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ngesikhathi ememezela isikwati sabadlali abazodlala imidlalo yobungani emibili ngesonto elizayo.
Elakuleli lizogadulisana neMozambique ngoNovemba 17 ne-Angola ngoNovemba 20 eMbombela Stadium, eMpumalanga. UBlom, obuye adlale emuva kwesokudla, ngomunye wabadlali abasha esikwatini sikaBroos ababheke ukuzakhela igama. Unconywe kakhulu ngokushaya into ecokeme enkabeni yenkundla kwiChiefs nakuba leli qembu lingenzi kahle kule sizini.
"Ngesikhathi ngibona indlela adlala ngayo kwiChiefs ngiyithandile. Iqembu lakhe seliqala ukuhlangana manje kodwa nangesikhathi lingenzi kahle yena ubedlala kahle," kusho uBroos.
IBafana izodlala ngaphandle kwezethenjwa uPercy Tau ogijima kwi-Al Ahly yase-Egypt noBongokuhle Hlongwane odlala kwiMinnesota United yaseUnited States. Omunye oshiywe ngaphandle nguKhuliso Mudau weSundowns oyibamba emuva kwesokudla, uBroos athe wehlelwe yifomu.
NgoSepthemba, iBafana yehlule iSiera Leone ngo 4-0, yathela iBotswana isibhaxu sika 1-0 kuleli.
"Uma nje singawina kule midlalo yomibili. Yilokho engikufunayo. Uma kungenzeka lokho sizobe sesiwine imidlalo emine ilandelana. Lokhu kuzokwenyusa ukuzethemba ngaphambi kwemidlalo yangoMashi (yokuhlungela i-Afcon). Ngifuna ukubona sidlala ngendlela efanayo nesidlale ngayo sibhekene neSiera Leone. Ngiyazi kungenzeka kungafani ngenxa yokuthi iMozambique ne-Angola baqinile kuneSiera Leone. Kodwa ngifuna ukubona sidlala kahle. Ngifuna kubonakale ukuthi indlela esidlale ngayo koweSiera Leone ibingelona iphutha. Kulokhu ngeke ngidlalise izikimu ezimbili ezihlukene emidlalweni emibili. Ngizosebenzisa isikimu esisodwa, ngenze izinguquko ngendlela efanele," kusho uBroos.