UMQONDISI wosomaqhinga kwiMamelodi Sundowns, uFlemming Berg, unethemba lokuthi izinguquko ebhetshini zizonyusela iqembu ezingeni abalifunayo.
Ngasekuqaleni kwesonto, iSundowns imemezele ukuthi uRhulani Mokwena uzothatha isikhundla sokuhola ibhentshi kubaqeqeshi kuleli qembu. Uzongena endaweni kaManqoba Mngqithi owehliselwe kwesokuba yiSenior Coach. USteve Komphela obekade eyi-Senior Coach, wenyuselwe kwesokuba yiFirst Team Coach.
Lezi zinguquko ngezinkulu kunazo zonke ezenzeke kwiSundowns kusukela kufike uBerg waseDenmark ojoyine iSundowns ngo-Ephreli.
Ekhuluma nabezindaba emuva kokuthi iSundowns ithele ngehlazo lika 5-0 iMaritzburg United koweligi eMgungundlovu ngoLwesibili ebusuku, uthe ushintsho lungenxa yebhola elingagculisi abalidlalayo.
"Isizathu esiholele ekwenzeni izinguquko wukuthi sekunesikhathi eside singaneme ngendlela esidlala ngayo nokukhula kwayo. Sesifike lapho esiyitholayo khona imiphumela esiyifunayo kwiligi. Manje sesiwine imidlalo eyisihlanu ilandelana kodwa izinga lokudlala kwethu alikhuphuki ngendlela ebesiyibhekile. Ngenxa yalokho, sithathe isinqumo sokwenza lezi zinguquko esizenzile," kusho uBerg.
"Sinethemba lokuthi izinto zizoshintsha, yingakho senze izinguquko. Sibone ukuthi sidinga ukubheka kwenye indawo futhi sicacise imisebenzi eqenjini. Kuwumsebenzi wethu singabaholi ukuqunga isibindi sithathe izinqumo. Njengomholi, kudinga isibindi ukuthatha izinqumo ngesikhathi esifanele. Sibone ukuthi isikhathi yisona lesi. Sizenzile izinqumo esikholwa wukuthi zizoliqhubezela phambili iqembu, zilethe imiphumela nendlela esifuna ukudlala ngayo ibhola sibe ngelinye lamaqembu aphezulu emhlabeni, silwele ukuwina yonke imiqhudelwano esidlala kuyona."
Nakuba 'umbuso' kaMokwena kwiSundowns uqale ngenjabulo eMphithi kodwa uBerg uthe lokhu kusewumsebenzi wabo bonke abaqeqeshi.
"Sisenabo labo bantu ethimbeni lethu labaqeqeshi okuyibona abenze konke osekwenzekile eqenjini. Basebenza ngokubambisana. Sinabaqeqeshi abathathu abafunde bagogoda. Sijabule ngendlela abemukele ngayo izinguquko. Kodwa besivele sikulindeke lokho. Ngezinguquko 'besingadlali indoda' kodwa zimayelana nesingakwenzela iqembu. Kufana nale wini yanamuhla, akuyona ekaRhulani kodwa yiwini yethimba labaqeqeshi, eyeqembu nabalandeli. Umsebenzi wethu yilowo. Yilokho esizama ukukwenza zonke izinsuku uma siya emsebenzini," kusho uBerg.