UBONA sebeqala ukuvuna izithelo zokukholelwa kubadlali abancane, uSteve Barker ocija iStellenbosch ebhabhadise iRichards Bay ngo 3-0 kowandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout, eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo.
IStellies inqobe ngamagoli kaDevin Titus, Anicet Oura nelika-Antonio van Wyk. Bekungokwesibili kule sizini ishaya iBay. Emasontweni edlule iyishaye koweligi.
Kungokuqala ukuthi iStellenbosch ingene kowamanqamu selokhu yafika esigabeni esikhulu. NakwiDStv Premiership yenza kahle njengoba ilele kweyesine ngamaphuzu awu-20,emidlalweni ewu-13.
UBarker uthe unyaka bawuqale kabi njengoba beshiywe emhlabeni u-Oshwin Andries obedlalela iStellies. Lo mdlali osemncane wagwazwa engakubo, eKapa.
UBarker nomndeni wakhe babuye behlelwa yifu elimhlanyama, kushona uClive Barker ongumalume wakhe.
"Ngalokhu kufinyelela kowamanqamu, ngibonga laba bobabili. Basishiye emhlabeni sisabathanda,“ kusho uBarker kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“ITheku lifana nekhaya lami, ngikhulele kulo. Nakulezi zinsuku imidlalo yethu eminingi idlalelwa khona. Ngethemba ukuthi emasontweni ezayo lizophinde lingithande, linginqobise inkomishi yeCarling.”
Umdllalo wamanqamu uzodlalela eMoses Mabhida Stadium ngoDisemba 16.
Bekuwumdlalo owandulela owamanqamu wesithathu obudlalwa iStellies selokhu inyukele esigabeni esikhulu. Ezinyangeni ezedlule ishaywe yi-Orlando Pirates koweMTN8. Ngesizini edlule idliwe iSekhukhune koweNedbank Cup. UBarker uthe bekuzoba buhlungu ukuhlulwa emdlalweni wesithathu owandulela owamanqamu.
Ubonge abadlali bakhe ngokufunda emaphutheni abo. Ebuzwa uBarker ngemfihlo yempumelelo yeqembu yakamuva, uveze ukuthi isuka kwisisekelo esiqinile nesihle abasinike abadlali babo abasebancane.
"Sathatha isinqumo sokuthi sinike abadlali abasebancane ithuba. Kunezikhathi lapho esicishe sadliwa izembe, besisakha. Sahlala phansi sabhala uhlu lohlobo lwabadlali esifuna ukunqoba izicoco ngabo. Phakathi kwabo kukhona uJayden Adams, uTitus, Van Wyk nabanye. Sesiqala ekuvuna esikutshalile. Ngethemba ukuthi laba badlali bazoba nathi isikhathi eside. Asikho isidingo sokuthi bahambe uma benqoba izicoco. Sesiyatshengisa ukuthi singanqoba noma yini esiyifunayo.“
Lo mqeqeshi uveze nokuthi ubengalindele ukuthi banqobe ngale ndlela kwiBay.
"Umdlalo uqale unzima kakhulu. Bengingazitsheli ukuthi sizinqoba kalula. IBay ibulawe ukungena kwegoli lesibili," kuqhuba uBarker.
NgoLwesihlanu, iStellies izodlala owomkhaya kwiDStv Premieship neCape Town City, ngo-7.30 ebusuku, eDenie Craven Stadium. ICity ikweyesibili ngamaphuzu awu-25, kwewu-13.