UMQEQESHI weStellenbosch, uSteve Barker, uphoqa abadlali bakhe ukuthi babhukule nakuba bekwaze ukushaya i-Orlando Pirates kowe-DStv Premiership bevula iligi ngempelasonto edlule.
Igoli leStellies livalelwe phakathi ngu-Antonio van Wyk. Kungenzeka ukuthi kwabanye ukuvula ngokunqoba elinye lamaqembu athathwa njengamakhulu kuleli, kungabukeka njengezinkomba zokuthi ezikaBarker zizokwenza kahle kule sisizini. Nokho lo mqeqeshi uthe kusamele babhukule.
UBarker useke wakudalula ukuthi uyalelwe ukuthi ayibeke ezingeni eliphezulu iStellies kule sizini.
Usanda nokutshela leli phephandaba ukuthi isifiso sakhe wukuqeda emaqenjini ayisihlanu aphezulu noma anqobe inkomishi eyodwa.
Kwisizini okuphunywa kuyo, uqede endaweni yesithupha. Ezakhe zingelinye lamaqembu azodlala kwi-MTN8.
Mayelana nokunqoba kwiPirates, uveze ukuthi nakuba ejabule kodwa usemkhulu umsebenzi omhlalele.
"Yebo, sinqobile kodwa asidlalanga ngendlela ebengifisa ngayo. Yebo iPirates yiqembu engilihloniphayo kodwa besingenza kangcono kunale ndlela esidlale ngayo. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siwaqoqa zisuka amaphuzu. Mhlawumbe abanye banganganaka kodwa iligi ikuphunyuka zisuka. Umdlalo ngamunye ubalulekile," kusho uBarker.
Kusasa, iStellies izovakashela iPolokwane City, ePeter Mokaba Stadium, emdlalweni oqala u-7.30 ebusuku.
Emdlalweni weCity wokuqala ibuyele kwi-DStv Premiership, ibingelelwe ngenduku ka 1-0 eyithole kwiCape Town City. AmaCitizens aweliswe yigoli likaJo Paciencia wase-Angola.
"Kule ligi kumele uzame ukuqoqa amaphuzu zisuka. Kule sizini sifuna ukuba ngelinye lamaqembu enza kahle. Nakuba ngingeneme ngendlela esidlale ngayo nePirates kodwa sinqobile. Okusele njengamanje wukuthi sinqobe, sidlale nebhola elifanele. IPolokwane izoza ngamandla. Nabo bafuna ukubuya ngamandla. Kuzoba umdlalo omnandi," kusho uBarker.