OWAYENGUNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrian "Spiderman" Baloyi weluleke leli qembu ukuba lisayinise abadlali abanamava okubalwa kubo u-Andile Jali noBongani Zungu abazokwenza isiqiniseko sokubuyisa izinsuku zenjabulo.
UBaloyi owayevimba ngisho impukane ngezikhathi zakhe eNaturena, ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup okuhlonishwa ngayo uMntwana waKwaPhindangene.
Lo mqhudelwano uzodlalelwa Olundi ngoJulayi 29.
“Sekukaningi ngibona imibiko ithi iChiefs ingase isayinise uZungu. Ngokwami yilolu hlobo lwabadlali esibadingayo kwiChiefs.
“Ukuba bekuya ngami bengizosayinisa u-Andile Jali. Kuyikona-ke ukuthi izinto sizibuka ngokungafani. Umdlalo webhola ngowemibono ehlukene ekugcineni,” kusho uBaloyi, obehambisana noDerick Spencer noBrilliant Khuzwayo nabo abadlali eNaturena..
“Asethembe ukuthi iqembu lizothatha izinqumo ezizolikhipha kulolu bishi. Asethembe nokuthi abadlali elibasayinisayo bawulolu hlobo olufanelwe wukudlala kwiChiefs.”
Le nkakha ikhale kakhulu nangokushoda kwezinhloli ezizokwazi ukubona abadlali abakwaziyo ukumelana nengcindezi nokwazi ukuthi kusho ukuthini ukudlala kwiChiefs.
"KwiChiefs akubhekwa nje kuphela ithalente kodwa kumele ube nofuqufuqu nokukwazi ukumela ingcindezi yansuku zonke,“ kusho yena.
“Abalandeli bethu bayifuna ngodli imiphumela. Lokhu kwenza abanye bahluleke ukumela ingcindezi. Iqiniso leli elingenakuphikwa.”
Lesi sithangami nabezindaba besihanjelwe nayimeya yesifunda iZululand, uThulasizwe Buthelezi nendodana yoMntwana waKwaPhindangene uZuzifa Buthelezi.
Ngosuku lwemidlalo, kuzoqalwa ngo-9 ekuseni ngomdlalo phakathi kweRichads Bay neRoyal AM.
Ngo-11.30 kudlale iMbabane Swallows yaseSwatini naMaZulu FC.
Owamanqamu uzoba ngo-3.30 ntambama.
Le midlalo izohlotshiswa nangomdlalo wezinkakha zeChiefs neMC Tshatha XI.
UBaloyi uveze ukuthi okwenzeka kwiChiefs kubaphethe kabi beyizinkakha.
Uthe abasakwazi ngisho ukuya ezitolo noma emagaraji beyothenga amaphephandaba ngenxa yokuhlohlwa abalandeli ngemibuzo.
Uthe bakwenza lokhu noma bazi kahle ukuthi abasekho ngaphakathi eqenjini.
Sekuphele amasizini ayisishiyagalombili Amakhosi ehluleka wukuthola noma yinkomishi eyodwa.
Ngesizini edlule ahluleke nawukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeCaf kwazise agcine eqede endaweni yesihlanu kwiDStv Premiership.
UJali, omataniswa nawo wonke amaqembu, akanalo iqembu kusuka ehlukane neMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini eyedlule.
UBaloyi ucele ukuthi abadlali abanesipiliyoni abakhona kuleli qembu, balekelele ngokukhuthaza abasebancane.