KUFANELE bazinuke bona amakhwapha kuqala abaphathi beKaizer Chiefs ngokuhlehla nyova kwaleli qembu ebelithathwa njengamakhosi ezinkomishi kodwa iminyaka isibheke kwengu-10 lagcina ukujabulisa abalandeli balo abahlale njalo bephume ngezinkani uma linemdlalo.
Lona umbono kaMuhsin Ertugral, owazakhela udumo ebholeni lakuleli ehola leli qembu laseNaturena lidla izicoco ezimbili ngaphansi kwakhe.
Le ngwevu yomqeqeshi edabuka eTurkey, ibixoxa neSolezwe kulandela ihlazo lokuwashiswa kweChiefs ijezi kwiNedbank Cup yiMilford FC esendaweni ka-11 kwi-log yeMotsepe Foundation Championship.
IChiefs isiqala ukukwenza umkhuba ukuthi kube iyona ethinteka kule miphumela yeNedbank yaminyaka yonke eshiya abalandeli bakanobhutshuzwayo bekhexile.
IMilford igila iChiefs nje, asiside isikhathi ikhona njengoba yabunjwa ngo-2012. Ingene esigabeni sesibili ebholeni lakuleli ngemuva kokuthenga isitifiketi soTongathi FC ngesizini edlule.
Njengoba iMilford ikhipha iChiefs nje, ebhentshini layo bekuhleli uXanti Pupuma, ongenazo izicucu zokuqeqesha kodwa ongudokotela aphinde abe usihlalo waleli qembu.
Akumethusi konke okwenzeka kwiChiefs u-Ertugral.
Uchaze abaphathi beChiefs njengabantu abaqotho futhi abanendlela eqondile yokusebenza kodwa ukholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokushintsha ukuqalaza ngoba lokhu abakholelwa kukhona sekungumlando ebholeni.
“Kubuhlungu ukubuka isikhungo esinomlando omude ngokuhlabana njengeChiefs siphenduka inhlekisa kubantu baseNingizimu Afrika,” kusho u-Ertugral owafika okokuqala kuleli qembu ngo-1999.
“Unobhutshuzwayo ukhula nsukuzonke okuphoqa ukuthi namaqembu akholelwayo endleleni yawo yokwenza izinto, kufanele ashintshe ukuqalaza uma kuhamba isikhathi.
“Ngiwukhomba kubaphathi umunwe ngoba iChiefs isiphenduke okunye kodwa okungesona isikhungo sebhola ngoba selilandela ngemuva kwakho konke.”
UMshini ngezikhathi ehola iChiefs, wakwazi ukuyinqobela iMandela Cup neCarling Black Label Knockout (isabizwa ngeCoca-Cola Cup) ngo-2001.
Esebuya ihlandla lesibili wanqoba iMTN8 ngo-2007.
“Abadlali nabaqeqeshi sebeshintshiwe kule minyaka edlule kodwa akubingcono. Lesi isikhathi sokuthi izikhulu zeChiefs zizibheke zona bese ziyanyakaza.
“Ngaphambi kokuthi kube nalesi sikhungo bekukhona iqembu lebhola elikhulu futhi elihloniphekile nokuyilona elizale bonke lobu bukhazikhazi obukhona manje.
“Kusemqoka kakhulu ukuthi abaphathi beChiefs bazinuke amakhwapha ngesandla sabo ngakho konke okwenzekayo nokwenzeke eminyakeni edlule. Lona iwona ukhiye, akukho okunye okungalungisa lesi simo.
“Uma beneqiniso ngendlela engibazi ngayo zikhona futhi ziningi izindlela zokubuyisela leli qembu lapho kufanele ngabe likhona ngoba abalandeli balo sebekhombisile eminyakeni edlule ukuthi abasoze balilahla,” kuphetha u-Ertugral obuye abe usomaqhinga enhlanganweni yebhola laseTurkey.