UZIZWA engahloniphekile ebholeni laseNingizimu Afrika umgadli osanda kudedelwa yi-Orlando Pirates, uKermit Erasmus, ogcine esechiphiza ekhuluma ngendlela ashiye ngayo eqenjini.
Lo mgadli (33) ngomunye wabadlali abayisithupha abadedelwa Ezimnyama ekupheleni kwesizini ka-2023/24.
Kwenzeka lokhu nje bese kuphele izinyanga elizwa ngendaba ijezi eqenjini alokhu agcina ukulidlalela libhekene neRichards Bay emdlaweni weligi ngoNovemba nyakenye.
Bekungokwesibili e-Erasmus esemabhukwini ePirates kulandela ukukhuza ibuya ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, esuka kwiMamelodi Sundowns. Wadlala kuleli qembu okokuqala kusukela ngo-2013 kuya ku-2016 ekade esuka kwiSuperSport United.
Unqobe izindebe ezinhlanu nezikaMagebhula, ezimbili zeMTN 8 nezintathu zeNedbank Cup.
Ngokubona kwakhe iqembu lithathe isikhathi eside ngaphambi kokuthi limazise ukuthi inkontileka yakhe ephele ngoJuni 30 ngeke ivuselelwe.
“Angiboni sengathi eMzansi abantu abenze izinto ezinkulu ebholeni bahlonishwa ngokwanele. Kuningi engakudela ukuze ngibuyele kuleli qembu. Kwadingeka ukuthi ngehlise umholo wami cishe ngohhafu ukuze ngizodlala kwiPirates,” usho kanje u-Erasmus ekhuluma ohlelweni lwePirates TV, iChangeroom, kwiYouTube.
“Ngilenzele konke leli qembu. Ngesikhathi ngifika iqembu belingenzi kahle. Angisho ukuthi yimina ngedwa owenze umehluko kodwa umqondo wami wokulwa nokuzimisela, ulisizile iqembu labheka endaweni efanele.
“Ngenze konke ebengingakwenza kwaze kwafika isikhathi lapho kuphele khona ithuba lokuthi ngiqhubeke, okuyinto eyenzeke ekuqaleni kwalo nyaka. Ngibona sengathi izinto azenziwanga ngenhlonipho ekubeni sengenze okuningi kangaka ebholeni nakuleli qembu. Kangisho ukuthi iqembu alingenzelanga lutho kodwa ngizikhulumela mina.”
U-Erasmus uphinde wenza isibonelo ngomunye umdlali owanqoba inqwaba yezicoco neSuperSport United, Orlando Pirates neBidvest Wits, uDaine Klate, akholwa wukuthi naye akahlonishwanga ngokwanele.
“Kuningi engingakusho ngabadlali bakudala ngiphinde ngithinte nebala. Angiqondile ukucwasa ngokwebala kodwa ngiyazi ukuthi ngiyikhaladi,” usho kanje.
“Sengike ngakubona lokhu kwenzeka kwabanye abadlali phambilini. Ngingabala uDaine Klate, ongomunye wabadlali abangamakhaladi abanqoba inqwaba yezicoco kuleli kodwa kushaywa indiva lokho.”
U-Erasmus uthe ufisa ukuthi abaphathi bamaqembu babacabangele abadlali abasuke bezophelelwa yizinkontileka, bahlele izinto kusenesikhathi, ukuze bazi uma bezophelelwa wumsebenzi ekupheleni kwesizini.
“Ukube konke esengikuzuzile ebholeni ngakuzuza ezweni elifana naseHolland ngabe angithathwa ngale ndlela engithathwa ngayo kuleli. Ngabe angizwa ngabantu noma izintatheli ukuthi kuthiwe ngilimele ekubeni ngingalimele,” uqhube kanje.
“Ngabe angihlalanga ngingazi ukuthi iqembu lizongigcina noma lizongidedela yini kuze kucishe kuphele isizini. Nginomndeni futhi nginezingane. Angizikhulumeli mina ngedwa kodwa ngikhulumela bonke abadlali, nalabo abadlali kwamanye amaqembu lapho bengathathwa khona njengabantu.”
Ngaphandle kwePirates, SuperSport neSundowns, u-Erasmus uke wagijima kwiCape Town City kusukela ngo-2018 kuya ku-2020.
Phesheya wake wadlalela amaqembu afana neFeyenoord neExcelsior eNetherlands, iRennes neLens eFrance, i-AFC Eskilstuna eSweden neVitoria Setubal ePortugal.