UTHEMBISA ukuthi bazoziqala manje izinhlelo zokukhipha iNigeria emzuliswaneni olandelayo wokuhlungela ama-Olympic umqeqeshi weqembu lakuleli lesizwe lebhola labesifazane, uDesiree Ellis.
IBanyana Banyana idlulele esigabeni sokugcina sokulwela indawo kuma-Olympic anonyaka azobanjelwa eParis ngoJulayi ngokukhipha iTanzania ngo 4-0.
Yawunqoba kalula umlenze wokuqala owadlalelwa eDar es Salaam ngoLwesihlanu olwedlule, ngaphambi kokunqoba owesibili eMbombela Stadium ngo 1-0 ngoLwesibili.
“Ngicabanga ukuthi ngemuva kokunqoba umlenze wokuqala ngo 3-0, besazi ukuthi sekusele kancane sinqobe, besidinga nje ukungazithambisi. Senze izinguquko ezimbalwa ukuze sifake abadlali abanomfutho,” kusho u-Ellis.
“Besazi ukuthi ngeke bayishintshe indlela abadlala ngayo kodwa nathi bekumele siqinisekise ukuthi sinika abanye abadlali ithuba. Umdlalo siwulawulile ngokuphelele. I-freekick esinqobe ngayo sike sayizama ejimini yangahlangana kahle kodwa siyajabula ngoba isebenzile emdlalweni.”
IBanyana isizobhekana nezimbangi zayo ezindala, iNigeria, emzuliswaneni wokugcina ozodlalwa ngo-Ephreli. Umlenze wokuqala uzodlalelwa eNigeria, owesibili udlalelwe kuleli.
ISuper Falcons inqobe iCameroon ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa imilenze emibili.
“Siyazi ukuthi umdlalo wethu neNigeria ngeke ube lula kodwa sesikhombisile ukuthi singaqhudelana namaqembu ahamba phambili. Ukubuya kwabadlali bethu abasezingeni eliphezulu abebelimele nakho kuzosiza kakhulu. Imidlalo enzima ngalolu hlobo iyabadinga abadlali abanamava,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Siyethemba ukuthi sizoyithola imiphumela esiyidingayo. Nakulokhu sizoqala ekuhambeni bese sizama ukuqedela umsebenzi ekhaya. Awukho umdlalo olula ngakho-ke kufanele sidlale kahle. Sizowuhlelela kahle umdlalo futhi ngicabanga ukuthi wonke umuntu uwubheke ngabomvu.
“Njengoba saphuthelwa ama-Olympic ka-2020, kusemqoka ukuthi singene kulawa ezayo bese senza kahle nakwi-Wafcon ezolandela. Sizohlala phansi njengethimba labaqeqeshi ngaphambi kokuthi sishiye ikhempu, sihlele ukuthi sizoyilungiselela kanjani imidlalo. Sesinawo ama-video azoya kubahlaziyi bese siwanika nabadlali,” kuphetha yena.