ABALANDELI abathathwa njengabaphambili nabokuqina beKaizer Chiefs, uSaddam Maake noMasilo Machaka, bakufanisa nomlabalaba ongeke ubasize ngalutho ukugudluzwa kuka-Arthur Zwane kwesenhloko yabaqeqeshi bese kufakwa uMolefi Nseki.
Ngesikhathi Amakhosi ethula uNtseki njengenhloko yabaqeqeshi ngoLwesithathu ebusuku, kusuke okukhulu ukuphikisana ezinkundleni zokuxhamana ngalesi sinqumo saleli qembu elithathwa njengelinye lamakhulu ebholeni lakuleli.
Okuqaphelekile ukuthi nakuba bebekhona abebezwakala bemeseka uNtseki kodwa iningi likhwele ladilika kwizikhulu zeChiefs ngalesi sinqumo sayo. Bekubhoke kakhulu abalandeli bayo. Ukungenami kwabo bebekuveza emakhasini ayo, kwiFacebook (Kaizer Chiefs), Instagram(kcfcofficial) naku-Twitter (@KaizerChiefs), lapho iqembu liphanyeke khona lezi zindaba.
Labo abangawalandeli Amakhosi bebefa insini, beyiphendula ihlaya le ndaba yokuqasha uNtseki
IChiefs ivumbuka noNtseki nje, imibiko yabezindaba ebisabalele, ibikhomba uNasreddine Nabi waseTunisia. Ubeqeqesha iYoung African yaseTanzania ayishiye eyinqobele isicoco seligi. Bekuvela ukuthi okumise izingxoxo wukuthi uNabi ufuna ukufika nethimba lakhe lonke labaqeqeshi nobekwenza iChiefs iphoqeleke ukunqamula izinkontileka zikaZwane nephini lakheDillon Sheppard, osekuyibona abazosiza uNtseki. Elinye igama ebese livela elikaFernando Da Cruz waseFrance obeqeqesha i-AS FAR yaseMorocco, obesanda kufaka isicelo somsebenzi.
Isolezwe lithinte uMaake noMachaka abangabanye babalandeli baMakhosi abadumile ukuzwa uvo lwabo.
Bobabili bathe bebengakulindele nhlobo okwenziwe abaphathi beqembu labo
"UNtseki noZwane bahluleke kade besebenza ndawonye ngesizini edlule. Ngokuyisa uNtseki ngaphambili bese uhambisa uZwane ngemuva kuzosiza ngani? Asimazeli lutho uNtseki. Thina besifuna umqeqeshi onamava ozobuyisa izinsuku zenjabulo. Sonke besilindele uNabi. Kucacela ngisho ingane ukuthi bese kugcinwa icala ngoNtseki. Nakuba kunjalo ngeke siyeke ukweseka iqembu lethu," kubeka uMachaka obezwakala ukuthi ukhathazekile.
UMaake uthe uNtseki noZwane baqale ukwehluleka eqenjini lesizwe eminyakeni edlule baphinde bashaya udaka ngesizini edlule.
"Manje bazosisiza ngani? Mina ngibona abaphathi beChiefs bedlala umlabalaba ongeke usize ngalutho. UNtseki kumele azi ukuthi siphelile isikhathi sokwakha. Sekuyisikhathi eside omakhelwane behleka le ndlu yethu engapheli ukwakhiwa,“ kusho uMaake.
Uthe ukuzwile ukuphatheka kabi kwabalandeli beChiefs, wathi nakuba kubuhlungu abaqhubeke nokweseka iqembu labo.
"Ubani owaziyo, mhlawumbe uNtseki nethimba lakhe bazosimangaza.“