UHLOSE ukukhombisa abalandeli baMaZulu FC ukuthi kungani iqembu limsayinisile umdlali wasesiswini, uGuily Manziba.
Lo mdlali oneminyaka engu-26, odabuka eDemocratic Republic of Congo, ufike oSuthwini ngoJanuwari, eqhamuka kwiSuperSport United.
Waqala ukudlalela aMatsatsantsa a Pitori, ngoFebhuwari ka-2020 ngemva kokushiya iqembu laseZambia, iZanaco. Ugijime emdlalweni wakhe wokuqala ngoJanuwari, esuka ebhentshini ngesikhathi bebambana ngo 1-1 neRichards Bay koweligi.
Wangena ngesiwombe sesibili kolandelayo bebhekene neMaritzburg United, washayela Usuthu igoli lokulinganisa sekuvalwe amehlo umdlalo waphela ngo 1-1. Uqale okokuqala beguqisa iTornado FC ngo 3-2 kowe-Last 32 yeNedbank Cup.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yaleli qembu elisezingeni eliphezulu kangaka. Konke kuhamba kahle. Ngiyalithanda iqembu futhi bangamukele kahle ozakwethu, abalandeli kanye nabaphathi,” kusho uManziba.
“Uma ungumdlali wangaphandle kufanele uzame ukwenza okuthe xaxa. Umqeqeshi uyakhuluma nathi ngaphambi kwemidlalo asikhuthaze ukuthi sizimisele, siveze amakhono ethu futhi singesabi.
“Sengidlale kwiPSL cishe iminyaka emithathu futhi angisenalo uvalo. Angikawashayi amagoli ngendlela engifisa ngayo kodwa ngihlale ngizikhandla ukuze ngisize iqembu,” kuqhuba umdlali.
UManziba, ogijima esiswini ngakwesokudla, uthe uzimisele ngokuthi aphakele ozakwabo abadlala phambili futhi naye ayibhakuzise inethi uma ethola amathuba.
Ukholwa wukuthi useluleme ngokuphelele futhi useyaqala ukuthola umgqigqo ngemuva kokuhlala izinyanga engadlali kwiSuperSport ngenxa yokulimala edolweni.
“Bekungelula ngesikhathi ngifika ngoba ngike ngahlala isikhathi eside ngingadlali kwiSuperSport ngenxa yokulimala. Kungenzeka ukuthi abantu sebekhohliwe ukuthi ngangingumdlali onjani kodwa ngizimisele ukuthi ngibakhumbuze. Ngicabanga ukuthi sengiqalile ukuthuthuka,” ubeke kanje.
“Izifiso zami kule midlalo esele ukusiza iqembu ukuthi libe ngelinye lamane azoqeda phezulu kwiligi, mhlawumbe sigcine sesizibekisele indawo kwiChampions League noma iConfederations Cup. Siyafisa futhi ukulwela isicoco seNedbank Cup ukuze sikwazi ukunika usihlalo weqembu okuthile.”
AmaZulu asendaweni ka-11 kwi-log yeDStv Premiership, ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-21. Emdlalweni olandelayo weligi ngeSonto ngo-3:30 ntambama, azobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium
KwiNedbank Cup azodudulana neDondol Stars kwiLast 16 ngoLwesithathu oluzayo. IDondol edlala kwi-ABC Motsepe League, eGauteng, iwashise ijezi iSuperSport United koweLast 32.