UMGADLI waseZambia, uPatson Daka, uhlabeke umxhwele ngendlela iqembu lakhe eliqine ngayo ngokomqondo ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo 1-1 neTanzania emdlalweni wesibili we-Africa Cup of Nations.
IChipolopolo ibiqale lo mqhudelwano ngokubambana ngo 1-1 neDemocratic Republic of Congo ngesonto eledlule futhi ibisengcupheni yokuhlulwa okokuqala kuGroup F ngesikhathi uDaka eyishayela igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-88.
Leli goli liyisize bacosha elinye iphuzu ngemuva kokuthi uSimon Msuva ebeke iTanzania phambili ngomzuzu ka-11.
IZambia kudingeke ukuthi ilwe nabadlali abayishumi isiwombe sesibili sonke kulandela ukukhishwa komdlali wasesiswini, uRoderick Tambwe, ngekhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi uMbwana Samatta ngomzuzu ka-44.
“Bekuwumdlalo onzima kakhulu kodwa iqembu lidlale kahle. Sonke besiqinile ngokomqondo futhi ngicabanga ukuthi belisifanele iphuzu. Besifuna okungcono kodwa iphuzu lilungile uma ubheka isimo ebesikusona.
“Ikhadi elibomvu liyingxenye yomdlalo futhi akuyona into entsha. Noma sizilolonga sike sidlale sishoda ukuze sikulungele ukubhekana naleso simo uma siqhamuka emdlalweni. Asizange sikubheke njengento embi kodwa njengenselelo obekumele sibhekane nayo futhi sakwenza lokho. Yingakho ngiziqhenya kakhulu ngeqembu.”
IMorocco isesicongweni kuGroup F ngamaphuzu amane, ilandelwa yiDemocratic Republic of Congo neZambia ngamaphuzu amabili iqembu ngalinye, kuthi iTanzania ilale emsileni ngephuzu elilodwa.
I-DRC neZambia bazobhekana kusasa ebusuku, iZambia itholane phezulu neMorocco ukuze kucace ukuthi yimaphi amaqembu amabili azodlulela kwiLast 16 nelilodwa okungenzeka libe sethubeni lokudlula uma linamaphuzu amaningi kunalawa azolala isithathu kwamanye amaqoqo.
UDaka uthe nakuba kuzoba nzima ukubhekana ne-Atlas Lions, eyafinyelela kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba ka-2022, bazobe bekulungele ukulwa.
“Kufanele sigxile emdlalweni olandelayo neMorocco ngoba yiwona mdlalo osihlalele. Akumele sicabange ukuthi sinethuba elingakanani lokudlulela phambili, kufanele sigxile emdlalweni. Umphumela yiwona ozocacisa ukuthi sinethuba elingakanani kodwa siyohlezi silwa njalo uma sidlala,” kuphetha yena.