UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uxwayiswe ngumlingani wakhe uMiguel Gamondi, opheka iYoung Africans SC yaseTanzania, ngolaka lwabalandeli baMakhosi aluchaze njengolufana ncamashi nendlela abamamukele ngayo.
Abalandeli beChiefs babuyele kwamhlaba ngempelasonto edlule ngesikhathi belotsholwa iYanga ngo 4-0 kwiToyota Cup, eFree State.
Ngaphambi komdlalo bekunegidigidi kubalandeli beChiefs ngokubona okokuqala iqembu labo seliqeqeshwa nguNabi okungumqeqeshi osekuphele iminyaka bemcuthele.
Okuqapheleke kwiToyota Cup ubukhulu bomsebenzi ohlalele uNabi uma kungukuthi izifiso zabalandeli zokuphela kwendlala yezinkomishi esibabhuqe iminyaka ecela kwengu-10, zizoba impumelelo.
Emuva kokubhubhudla iChiefs ngo 4-0, uGamondi ongene esikhundleni sikaNabi kwiYanga kumasizini amabili adlule, umxwayise ngobumqoka bokungena emakethe.
“Ngokubona kwami uNabi ubhekene nesimo lapho kubhekwe okukhulu kuyena kodwa iqiniso ukuthi akanabo abadlali bokukhipha imiphumela elindelwe abalandeli beChiefs,” kusho uGamondi esithangamini nabezindaba.
“Kusemnandi manje kubalandeli ngoba bathole umqeqeshi osekunesikhathi bemfuna kodwa angizange ngimfihlele ukuthi ulaka lwabalandeli beChiefs uma kungahambi kahle lufana ncamashi nendlela abamjabulela ngayo,” kusho uGamondi.
Kanti uNabi ushilo emuva kweToyota Cup ukuthi inhloso yakhe ukwakha inqanawe yesikwati.
Umbuzo omkhulu ukuthi uzobathathaphi abadlali abazoba ezingeni lokudlisela abeMamelodi Sundowns, ogageni isikhonye amasizini ayisikhombisa kulandelana kwiligi?
“Mhlawumbe usazophuma umkhankaso enhla nase-Afrika abuye khona nabadlali ngoba ngeke enze lutho kwiBetway Premiership ngalaba abasebenzise sibashaya kwiToyota Cup,” kuqhuba uGamond.
“Ngikuqaphelile nokuthi usebenzise abadlali abaningi abasebancane okuyinto okuqalwa ngayo uma usafunda isikwati sakho eqenjini elisha.
“Nakuba kunjalo kodwa ngeke akubalekele ukuthi udinga ukungena agamanxe emakethe yabadlali uma ezophumelela ukunika abalandeli beChiefs lokhu abakulindele kuyena,” kuphetha uGamondi, oseke wadlala isicoco seligi neSundowns eminyakeni edlule.
IChiefs imemezele ngesikhulu sayo uKaizer Motaung Jnr, ngeledlule ukuthi izomvulela isheke lokuthenga umqeqeshi lingakavalwa iwini lokubhaliswa kwabadlali ngoSethemba 20.
Kuze kube yimanje Amakhosi asasayinise unozinti obekwiTS Galaxy, uFiarce Ntwari, nezitobha ezimbili ezingoRushwin Dortley, odliwe yizembe neCape Town Spurs, noBongani Sam, olimale eTurkiye engakamenyezelwa njengomdlali omusha.
Ngesizini edlule iChiefs ivele kabili ekomidini lePSL eliqondisa ubugwegwe kulandela ukuhlasela kwabalandeli bayo, uMolefi Ntseki, obephikwa imiphumela.