Umqeqeshi weTunisia, uJalel Kadri, akayiboni njengeqatha elingabama emphinjeni iBafana Bafana abazovala nayo u-Group E we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku, e-Amadou Gon Coulibaly, eKorhogo, e-Ivory Coast.
UKadri ukusho lokhu esithangamini nabezindaba esiqoshwe i-cafonline.com kulandela ukucazelana kweqembu lakhe ngamaphuzu neMali ngoMgqibelo ebusuku, eKorhogo.
Kube iMali ewabona kuqala lapho egxunyekwe ngakhona amapali ngonyawo lukaLassine Sinayoko, umdlalo unemizuzu engaphansi kwengu-11 uqalile.
Ulinganise ngokushesha uHamza Rafia, okwenze inkundla yonke yachwaza kwazise bekumqoka ukuthi alinganise ama-Carthage Eagles kwazise umqhudelwano bawuvule ngenduku ayithole kwiNamibia.
Nakuba womabili la maqembu eqhubekile nokuhlaselana kodwa agcine ecazelana ngamaphuzu okwenza leli qoqo livuleke (silobe lo mbiko ungakadlalwa oweBafana neNamibia).
“Ngokwami, bekufanele kube ithina esigoduka namaphuzu agcwele kodwa kwangenzeka yize sizame ukuthola igoli lokuwina kwaze kwaba uyaphela,” kusho uKadri esithangamini nabezindaba seCaf.
“Ngiyalamukela iphuzu ngoba lisinika ithuba lokuphupha kwazise konke kusesezandleni zethu ukuthi sinqobe umdlalo wokugcina weqoqo.
“Uma kusesezandleni zethu kufanele sibuke iqembu lesizwe elimi phambi kwethu njengeqatha elingeke lisibinde ngakho-ke sibheke ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.
“Okufanele kwenziwe ithina sizokwenza ngenhlonipho yezitha esizobe sibhekene nazo kodwa ekugcineni iTunisia kumele ibe sesigqokweni uma sekuqhathwa eye-last 16,” kuphetha uKadri ngokuzethemba.
IMali esonga iqoqo ngeNamibia ngoLwesithathu nayo ngo-7 ebusuku, eStade San Pedro, idinga okungenai iphuzu kowayo wokugcina njengona ihlanganise amaphuzu amane emidlalweni yayokuqala ka-Group E.
“Njengoba bekulindelekile uma kubhekene amaqembu amabili aqine ngokwanele, umdlalo ubunzima okwenza siwamukele umphumela wokucazelana ngamaphuzu,” kushaya ngamafuphi u-Eric Chelle, oqeqesha iMali.