UMDLALI wasesiswini weSwallows, uLindokuhle Mtshali, uyamethemba umqeqeshi u-Ernst Middendorp ukuthi uzobakhipha otakwini lwezembe.
UMiddendorp oqashwe yiZinyoni emasontweni adlule, uhlale okokuqala ebhentshini ngesikhathi behlulwa yiRichards Bay FC ngo-1-0 ekuhambeni ngosuku lokugcina luka-2022. Ngaphambi kokufika kwakhe, izintambo zokuqeqesha bezibanjiswe abadlali uMusa Nyatama noThela Thela.
ISwallows isendaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-13 emuva kwemidlalo engu-13. Iphambili ngamaphuzu amabili kwiMaritzburg United esemsileni we-log ngawu-11. Kumasizini adlule, uMiddendorp usindise iTeam of Choice ezembeni ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi.
UMtshali, obeyibamba kwiLamontville Golden Arrows ngesizini edlule, ujoyine iSwallows isanda kusindiswa ezembeni nguDylan Kerr ngokuwina imidlalo yokuhlunga.
"Ngiyamethemba. Uyabonakala umsebenzi awenzayo eqenjini. Kuyabonakala ukuthi ungumqeqeshi omdala. Sizosuka ngasemsileni. UMiddendorp wenza izinto ngendlela ehlelekile selokhu eqalile. Izinto uyazihlela, uyabona ukuthi ungungqondongqondo omdala. Abadlali bayazikhandla futhi lukhona ushintsho eqenjini. UMiddendorp ufuna amasosha," kusho uMtshali.
Emdlalweni neBay, uMiddendorp uqhamuke nesikimu ezihlukile kunaleso ebesiboshelwa nguNyatama noThela. Kulo mdlalo uMtshali ungene usuyophela.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku, uMiddendorp kuzofanele aqhamuke neqhinga lokwehlula ompetha beligi iMamelodi Sundowns emdlalweni ozoba seLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. ISundowns, esesicongweni se-log yePremiership, ivulele induku ka-2-0 kwi-Orlando Pirates emdlalweni wokugcina ka-2022 emuva kwekhefu lomqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
"Kuzobe wumdlalo onzima ngoba nathi sifuna amaphuzu. Kufanele siqhamuke nendlela esilungele ukuze sizobuya nawo. Ngiyazi ukuthi umqeqeshi uzoqhamuka nalo iqhinga ngoba uyayazi iSundowns. Kade aqala ukubhekana nayo, nathi singabadlali siyayazi ukuthi idlala kanjani.
“Ngeke sihlale emuva. Okufanele sikuqaphele wukungenelwa yigoli kuqala ngoba lokho kuzosilimaza. ISundowns akufanele uyivumele yenze lokho. Kufanele sikulindele ukuthi emizuzwini eyisihlanu yokuqala izosicindezela futhi kufanele sikulindele lokho," kusho uMtshali.