USEFISA ukuqhudelana namaqembu abesifazane ahamba phambili emhlabeni kulandela ukunqoba isicoco sesibili iCaf Women’s Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Tshabalala.
AmaBrazillians axebule iSporting Club Casablanca yaseMorocco ngo 3-0 kowamanqamu e-Amadou Gon Coulibaly Stadium esedolobheni iKorhogo, e-Ivory Coast, ngeSonto ebusuku.
URefilwe Tholakele uvule indlela ngephenathi ayibeke enethini maphakathi nesiwombe sokuqala. UBoitumelo Rabale wafaka elesibili ngemuva kwemizuzu embalwa, uTholakele washaya igoli lakhe lesibili ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
Okwesibili amaSandawana ephakamisa le ndebe njengoba ayithatha lo mqhudelwano uqala e-Egypt ngo-2021. Nyakenye, aphucwa isicoco eshaywa kowamanqamu i-AS FAR yaseMorocco.
Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ibingakaqinisekisi ukuthi uzoqalwa nini umqhudelwano ozohlanganisa amaqembu angompetha bamazwekazi ebholeni labesifazane, iFifa Women’s Club World Cup. NgoDisemba, nyakenye, le nhlangano yaveza ukuthi seziqalile izinhlelo zokuletha lo mqhudelwano.
IFifa Club World Cup yabesilisa yaqala ngo-2000 kanti isicoco sibangwa ngamaqembu ayisikhombisa avela kumazwekazi ahlukene. Lawa maqembu ngompetha base-Asia, Africa, Concacaf (North America, Central America naseCaribbean), South America, Oceania, Europe neqembu eliphuma ezweni elizosingatha umqhudelwano.
Ebholeni labesifazane mane kuphela amazwekazi asenemiqhudelwano yamaqembu ebhola labesifazane. Njengoba iSundowns ingompetha base-Afrika, iCorinthians yaseBrazil ingompetha baseSouth America, i-AS Academy yase-New Caledonia ingompetha base-Oceania. Ompetha abasha base-Europe bazokwaziwa uma kuphela lo mqhudelwano ngoMeyi wonyaka ozayo.
IConcacaf ne-Asia abakabi nayo imiqhudelwano yamaqembu yebhola abesifazane kodwa bomabili sebevumile ukuthi bahlela ukuyiqala ngonyaka ozayo.
“Sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle. Siyethemba ukuthi iFifa izomemezela ukuqala kweClub World Cup maduze. Yiwona mncintiswano olandelayo esingathanda ukuba yingxenye yawo. Ngiyethemba ukuthi bazokwenza lokho sisengompetha ukuze sithole ithuba lokumela izwekazi lethu,” kusho uTshabalala kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Lo mqeqeshi ujabule ngendlela abadlale ngayo bebheke empumelelweni.
“Sinqobe umqhudelwano wokuqala ngo-2021 singangenelwanga igoli njengoba sesiphinde okufanayo nakulo nyaka.
“Ngeke ngisho ukuthi besiphambili kakhulu kunamanye amaqembu kodwa ngicabanga ukuthi besizilungiselele kahle. Umyalezo wami uthi kumele sitshale imali ebholeni labesifazane. Ibhola labesifazane liyakhula futhi uma sitshala kulona sizovuna izithelo ezinhle.”
Ngaphandle kokuthatha indebe, iBanyana ba Style, iqoqe yonke imiklomelo ekhishwe ekupheleni komqhudelwano.
Iqembu lithole i-Fair Play Award. Unozinti u-Andile Dlamini, ongadedelanga nelilodwa igoli emidlalweni emihlanu, uqokwe njengonozinti ovelele.
UTholakele, ohlohle amagoli amahlanu, uthole umklomelo weTop Goalscoer, kwathi uRabale waqokwa njengomdlali ovelele.